KUQHAKANJISWA ukuthi uthuthukiswe umkhakha wabahlengikazi kuleli ngenxa yokubhekana nezinselelo eziningi emsebenzini abawenzayo.
Namhlanje kugujwa usuku lwamanesi, olugujwa umhlaba wonke ngaphansi kwesihloko esithi Nurses: A voice to lead.
UDkt Champion Nyoni, ongumcwaningi ophinde afundise esikoleni sabahlengikazi esiseNyuvesi yaseFree State, uthe kuningi abahlengikazi ababhekane nakho ngo-2020.
“Kuningi futhi okusazokwenzeka ngomuso. I-Covid-19 iphonsele umkhakha wezempilo izinselelo ezihlukene, abahlengikazi ababhekana kuqala nalezi zinselelo. Abahlengikazi bathintekile ngokomqondo, izinga labo lokubekezela nokwenze bakwazi ukusebenzisana kangcono,” usho kanje.
“Esikhathini esizayo, idinga ukuthuthukiswa indima yabahlengikazi, ukukhula komsebenzi wobuhlengikazi kubalulekile. Abahlengikazi bazokwazi ukuqhubeka nomsebenzi wabo uma bezithuthukisa emsebenzini, ekubambisaneni bebodwa kanye nokusebenzisana nabanye abasebenzi bezempilo,” usho kanje.
Uthe ikusasa lonesi liqhakazile ngoba kule minyaka ewu-60 eyedlule lo mkhakha utshengisa ukukhula. Kwamanye amazwe ububukeka njengomkhakha odelelekile kodwa manje ubumqoka bawo sebuyabonakala.
Uqhube wathi amanesi kumele abheke ekutheni afune izinsiza ezizokwenza umsebenzi wawo ube lula.
Abantu bakuleli balujabulele lolu suku ezinkundleni zokuxhumana:
#NursesDay2021🩺💉💊Happy nurses day to all the nurses out there let's keep doing what we do best🥳🩺💊💉 pic.twitter.com/IHMcObGZg9
— Mofumahadi (@Mofumahadi18) May 11, 2021
We shall execute our duties nomatter how hard it is #NursesDay2021 pic.twitter.com/JRBHB2xfCW
— Tee (@Teemasemola2) May 12, 2021