ESIKHATHINI sanamhlanje akusekho lula ukukhetha iselula ngenxa yezinga lobuchwepheshe obuqukethwe amaselula amaningi abizwa ngama-smart phone, kusukela kwashibhile kuya kwabizayo. Eminyakeni edlule kuqaphelekile ukuthi sandile isibalo sabantu abasebenzisa ama-smart phone eNingizimu Afrika kanti lokhu sekuholele ekutheni kunyuke isibalo sezinkampani ezikhiqiza amaselula ezisezingeni eliphezulu kuleli. NgoMashi ka-2020, ngesikhathi kuqala ukuvalwa kwezwe njengendlela yokunqanda ukusabalala kwe-Covid-19 kuleli, inkampani yaseChina, iTecno, yamemezela ukuthi amaselula ayo asezodayiswa eNingizimu Afrika.
Ngokocwaningo, ukuthengwa kwama-smart phone eNingizimu Afrika, Nigeria nase-Egypt, kunyuswe yizinga lamaselula abiza amanani aphansi kodwa aqukethe cishe yonke into oyifunayo kwiselula.
Ngenyanga edlule ngithole ithuba eliyingqayisivele lokuvivinya enye yamaselula akhiqizwe yiTecno Mobile, iSPARK 5, ephume ngoSepthemba nonyaka.
Into yokuqala engichazile ngale selula yibhokisi layo. Ngiyazi abantu abaningi abakunaki lokhu, kodwa indlela iselula ethulwa ngayo ebhokisini layo ibalulekile. Ifika ngebhokisi elikhulu, elingeke likufakele amahloni uma kungathiwa le selula uyithenga njengesipho sohlekisana naye, ingane yakho, noma uzithengela wena nje. Ngifake isithombe ngezansi ukuze uzibonele ukuthi bekumele ngiphawule ngebhokisi layo (packaging).
Ngaphakathi kuleli bhokisi akuphumi iselula kuphela, ihambisana nama-HiPods H2 earphones, okungama-earphones asebenza nge-bluetooth. Anomsindo ogcwele ama-HiPods H2 kanti okuhle ngawo ukuthi uyakwazi ukuwasebenzisa uma kungena ucingo futhi uma uwumuntu othanda ukuzivocavoca uyakwazi ukukwenza lokho engaphumi ngoba ayabambelela ezindlebeni. Ama-earphones aphuma nebhokisi lawo elisebenza njenge power-bank yoku-charger.
Into evame ukubhekwa abantu abaningi uma bethenga iselula namhlanje yizinga lekhamera. ISPARK 5 igxile kakhulu ekuqhikizeni izithombe namavideo amahle njengoba iqukethe amakhamera amahlanu. Inamakhamera amane ngemuva, neyodwa yama- ‘selfie’ engaphambili.
Kwamane angemuva iqukethe ehamba phambili ewu-13MP, ewu-2MP yokushutha okuseduzane, iMacro lens ewu-2MP kanye ne-AI (Artificial Intelligence) Camera. I-AI Camera ifakelwe ukuqinisekisa ukuthi kuphuma izithombe eziveza imibala yosuke ukushutha njengoba injalo. Ukuvivinya lokhu ngithathe izithombe ezimbalwa ukubheka izinga lale khamera.
Ngaphandle kwekhamera, iSPARK 5 iqukethe i-battery ehlala isikhathi eside ingacishi. Iphethe amandla awu-5000mAh, okusho ukuthi ingahlala u-16 hours ukhuluma ocingweni ingacishi, noma uchithe u-14 hours ubuka ama-video ingacishi.
Lokhu kuhambisana nosayizi wayo omuhle wokugcina amafayela eselula owu-32GB.
ISPARK 5 sisebenza ngobuchwepheshe be-Android, okuwubuchwepheshe okujwayelekile kubantu abasebenzisa ama-smart phone okubalwa kuwo iSamsung neHauwei. Le selula iqukethe eyayo injini ngaphezu kwalokho iHelio A22 chipset yeMediaTek.
Sekuhlangane uthola iselula esheshayo uma uyisebenzisa, kumnandi nokuthinta i-screen sayo ngoba silandela kalula okwenzayo futhi sinama-graphics agqame kahle. Bakwenzela umsebenzi ube lula ngama-App abakufakela wona, ikakhulukazi awakwa-google, kodwa uyakwazi ukuwasusa uma ungawathandi uzifakele awakho.
Le selula uyakwazi ukuyivula (unlock) ngomunwe nangobuso (facial recognition).
ISPARK 5 ungayithola ngoR2999 kulezi zitolo: Chatz Connect, Vodacom 4U, Cellucity, GAME, Hi store, Foschini, Totalsports naseTechX.