ABALELWA ku-38 amazwe abike ukuthi kunabantu emazweni awo okubikwe ukuthi banegciwane elizishintshile leCovid-19 i-Omicron.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithe nakuba emaningi amazwe okubikwe ukuthi anabantu abanaleli gciwane kodwa akukabi khona umuntu okubikwe ukuthi ushonile ngenxa yalo.
UDkt Maria Van Kerkhove weWHO uthe ngokubona kwabo leli gciwane lisabalala ngokushesha kodwa abakazi ukuthi ubungozi balo bungakanani.
Uthe kusazothatha amasonto ngaphambi kokuthi bazi kabanzi ngokuthi ngabe lithelelana ngokushesha ukwedlula amanye yini nokuthi imigomo ekhona njengoba kusenziwa ucwaningo ngalo izoqhubeka isebenze ngendlela ebisebenzza ngayo yini noma izokwehla.
Umengameli wase-USA uMnuz Joe Biden, uthe leli gciwane kumele bakhathazeke ngalo kodwa akumele okwamanje batatazele kuze kube baneminingwane ephelele ngalo.
Izibalo zakamuva zabahaqwe yileli gciwane kuleli zikhomba ukuthi bangu-11 125 abantu abasha abahaqwe yilona ngeSonto.
IGauteng iyona ehamba phambili ngezibalo zabahaqwe yigciwane, bangu-7 929 khona.
Ongoti bezempilo bakuqinisekisile ukuthi iNingizimu Afrika isisesiwombeni sesine sokuhlalela kweCovid-19.
Uhulumeni unxusa abantu ukuthi bagome ukuze bazivikele kuleli gciwane ngoba imigomo kuseyiyona kuphela engakuvikela kuleli gciwane.
Bathe nakuba leli gciwane kubonakala sengathi lizosabalala ngokushesha kuneDelta yaphambilini kodwa bathi noma kungehla ukuvikeleka kodwa ukugoma kusasiza ngokugwema ukuthi abantu bagule kakhulu badinge ukulaliswa ezibhedlela.