MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele bengicela ungiphe lesi sigatshana ke ngizwakalise ukungenami kwami mayelana nokwenziwa wuKhozi FM okuwumsakazo omkhulukazi e-Afrika jikelele nongowesibili emhlabeni ngezibalo zawo.
Isikhalo sami silaphaya ophikweni lwezemidlalo, sicela abaphathi bomsakazo basiqashele abasakazi abasha kulaba balezi zinhlelo ezingena ihora nehora ngoba umuntu osayibambe kahle laphaya intokazi yakwaMachi okunguNolwazi.
Nguyena muntu okuthi uma eyibambile umuzwe ukuthi uyayiphila le nto ayenzayo futhi nomdlandla usegazini umsebenzi wakhe.
Nangu-ke umuntu engikhala ngaye u-Irvin Sihlophe (osesithombeni) ovele akulalise ungezwa nokuthi ubekhuluma ngani ashaye undendende ukubuya kwemboma echwebeni.
Sicela abaphathi boKhozi basiqashele umsakazi ozolekelelana nale ntokazi yakoMachi bakithi kuleya ndawo engiyibalulile.
Cha ngapha ngasohlelweni lwezemidlalo oluye lungene ngo-7 ebusuku noma kuyimpelasonto basayibambe kahle oVictor Molefe, Nolwazi noMhlonishwa Sibisi. Ibambeni kanjalo maqhawe oKhozi FM.
Vusi Mzilikazi