MHLELI: Njengomthandi webhola eNingizimu Afrika futhi ngiyafisa ukubeka ilaka lami ngokuqokwa kweqembu lesizwe iBafana Bafana. Hhayi, cha umqeqeshi uMolefi Ntseki usigile igoda ngokuqoka abadlali afunzwe bona.
Kuyangicacela ukuthi uzwa ngabantu. Kukhona lapho umqeqeshi weSundowns aveza ukuthi u-Andile Jali (osesithombeni) limfanele ijezi leBafana, nangempela ubiziwe. Uphinde wagxeka uFortune Makaringe ngokushaya izitayela khathi bedliwa yi-Orlando Pirates.
UPitso Mosimane wamgxeka waze wathi “akobe uyabona uNtseki ukuthi akusiye umdlali angamkhetha uMakaringe” .
Nangempela uNtseki wenza njalo wangamkhetha uMakaringe. Okungenza ngingenami yingoba ufake uKhune ekubeni lo Khune akakadlali namdlalo owodwa weligi. Yini ayibone kuKhune? Uyabona okwenziwe uNtseki kungikhumbuze inkulumo kaJomo Sono owathi uma kuzokhethwa iqembu lesizwe kuyaye kuphithizele ekomkhulu leSafa.
UJomo wathi izimenenja zabadlali zifika zize zilale emahhotela aseduze neSafa. Abaqeqeshi bamaqembu esizwe abayeke inkohlakalo ngoba ibulala ibhola lethu. Mina ngoqala ukusekela iqembu lesizwe mhla kwagudluka laba bantu abangazilutho ngebhola.
Khabzela Mzimela
EZWELIBOMVU