Mhleli: Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi abaholi bethu kubahlule ekugcineni ukulwisana nalolu bhubhane oluhlasele izwe lethu.
Abakwenze ekugcineni ngenkathi bexegisa imithetho kufane nokudlala ngegeja kuziliwe, ngokuthi kuxegiswe eminye yemigomo emayelana notshwala.
Yebo bebecabangela umnotho ukuze ufukuleke kodwa sekungavulelwa utshwala pho? Sekungaze kuvulelwe utshwala pho kuzo zonke izinto. Yini ejahiwe ekuvulweni kotshwala? Yebo, siyazi kukhona abakhala ngokuthi kuzolahleka imisebenzi kuphinde kuwe komnotho wezwe. Yebo umnotho ubalulekile kodwa ngeke ubaluleke ukwedlula impilo yabantu.
Kuthe ngesikhathi umengameli ememezela ukuvulwa kotshwala ngavele ngafikelwa yizinyembezi, ngaphinde ngafikelwa yisililo. Lokhu kwenzeke ngesikhathi ngizwa kukhala imikikizo namahuthi ezimoto.
Ngize ngazibuza ukuthi hlobo luni lobuholi esinabo ezweni?
Uyabona, sinobuholi obucabangela izisu zabo nezisu zongxiwankulu.
Ngiyazibuza ukuthi ezintweni zonke zokuxegiswa komnotho kungaze kuxegiswe utshwala pho? Ngiyafisa ukuba ubuholi benhlangano ebusayo buvuke emaqandeni manje. Lobu buholi esinabo akusibona obashiywa ngowayengomengameli wokuqala ngaphansi kwentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela.
Ubuholi bukaMandela babucabangela izisu zabantu abahlwempu. Mina ngifisa ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa buyeke ukudonswa ngekhala ngongxiwankulu.
Phela sisemazingeni aphansi siyabuka nje futhi siyakhala ngobuholi bakhe manje. Kubuhlungu ukubona abaholi benhlanhlatha phambi kwethu. Eyokuvulwa kotshwala ivele yafana nokugwazwa kwethu ngemuva ngoba ukhuvethe luzozicanasela ezweni lethu.
Ngiyafisa ukuba ubuholi bethu bucabangele impilo yabantu kuqala kunokucabangela inzuzo. Sidinga abaholi abanonembeza nabaziyo ukuthi yini ethokozelwa ngabahlali.
Khabazela KB Mzimela
EZWELIBOMVU