MHLELI: Ngifisa ukuphawula ngenkulumo yomqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, ethi abadlali baseNingizimu Afrika abekho ezingeni lomhlaba.
Yebo, akwehlanga kahle kubathandi bazemidlalo baseMzansi, kepha uyishaye esikhonkosini umqeqeshi. Kunjalo nje. Inkinga yakhe umadala yinkani. Usecelwe kaningi ukuthi athake abadlali abancane nabanamava kepha ushaya phansi ngonyawo, uthi uzodlala ngenjejane. Uma esebona ukuthi injejane ayikwazi ukumelana nezinkunzi zase-Afrika usegijima uya kwabezindaba uyogxeka iqembu lesizwe ngokungabi nabadlali beqophelo.
Lezi zingane uzifice zidlala kwiDstv Premiership. Eziningi zazo zisuka ezinkulisa zamaqembu azo. Azikabi nasikhathi eside ngisho kwiDstv, zisafuna ukuzakhela igama, usezozigxeka esidlangaleni. UHugo Broos uqashelwe ukuzokwakha lezi zingane ukuthi zibe ngabadlali bakusasa abahlonishwayo khona bezobonwa ngamaqemu aphesheya.
Le nto yakhe, yokubagxeka kwabezindaba izobalimaza ngokomqondo. Yena uma ebona ukuthi abekho ezingeni lomhlaba akasule. Mina umunwe ngiwukhomba kuye, ngokungabafuni abadlali abanamava abatshela lezi zingane ukuthi yini okumele ziyenze enkundleni.
Ngiqale ukungamethembi edlalisa uNyiko Mobbie, esandleni sokunxele, emuva bebe bekhona abadlali abanjengoLay Lakay, Terrance Mashigo noMabotja weMarumo Gallants, ukubala abambalwa. Esiswini encamela uMthobi Mvala, eshiya u-Andile Jali noma uRivaldo Kotzee. Akashiye uma limxaka iqembu
Sbu Mhlanga
EMTUBATUBA