MHLELI: Sasithi ngo-1994 ubandlululo nokushiywa ngaphandle ezintweni ezazehlisa isithunzi somuntu omnyama sikungcwabile kanti siyazikhohlisa.
Indlu emnyama yaphuma emakhamandeleni enhlupheko yakwazi ukuthi yakhe ngendlela, abafisa ukuzakhela bakhombisile ukuthi bangawuguqula umlando wokuthi sifanelwe ukuhlala ezindlini zodaka eziwayo, emijondolo, emahositela ngokunjalo nako 4-room.
Sebekwenzile konke okuhle, umasipala usehluleka ukufaka izidingo-ngqangi amanzi nogesi osezingeni. Yihlazo ufica abantu beshaye ujenga beyokha amanzi emathangini abekwe emgwaqweni.
Okwangiphatha kabi njengomhlali nomvoti waseMzansi ongalenzi iphutha ekubambeni iqhaza, ngabasebenzi basehhovisi lekhansela, abathi abantu bona bayakhelani imizi enezindlu zangasese ezimbili kuya phezulu. Ngazibonela lapho ukuthi kusekude phambili uma omnyama esakhuluma kanje.
Okhathazekile
ADAMS