MHLELI: Ngikhathazekile ngokwenziwa uNgqongqoshe uNonhlanhla Khoza wezokuThuthukiswa koMphakathi. Kunezikhangiso zomsebenzi zomnyango eziphume ngomhlaka 2 Agasti ezivale mhlaka 16 Agasti. Ngidumele kakhulu ngokuzwa ukuthi ungqongqoshe usezihoxisile lezi zikhangiso ngosuku lokugcina.
Thina siyintsha yasemakhaya engasebenzi sisukumele phezulu sifaka izicelo sipatanisa singenayo nemali yokwenza ama-copy namaCV nokuposa ikakhulukazi eyokugibela siyoposa emadolobheni aseduzane.
Sisizwa ogogo bethu ngemali yempesheni yokwenza konke lokhu. Size sasebenzisa no-fast mail ukuqinisekisa ukuthi izicelo zifika ngesikhathi. Ngisebenzise imali ewuR450 ukwenza konke lokhu. Ngiyakholwa ukuthi lokhu akuhlukumezanga mina kuphela ngalezi zindleko.
Uma ngilandela ngithole ukuthi uNgqongqoshe uKhoza ukhiphe umyalelo wokumisa izikhangiso ngaphandle kwesizathu noma incazelo.
Umbuzo wami uthi ngicela ukwazi ngezinhlelo zikangqongqoshe zokusibuyisela le mali esiyisebenzisile njengoba sizihluphekela nje.
Thembelihle Tembe
EMboza