ZISUKA nje ebhandeni ngifisa ukukubeka kucace ukuthi ukuhlehlisa usuku lokubuyela kothisha ezikoleni kusuka kuMsombuluko (Meyi 25) kuya kuLwesine (Meyi 28) kungumphumela wokubeka eqhulwini ukubaluleka nokuvikela impilo yabafundi nothisha.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, umemezele ngesonto eledlule ukuthi abafundi bakaGrade 7 noGrade 12 kumele babuyele esikoleni kusukela ngoJuni 1. Uphinde wamemezela futhi ukuthi bonke othisha ababuyele emsebenzini kusukela izolo ukuze baqale umsebenzi wokulungiselela ukuvulwa kwezikole.
Emuva kwalesi simemezelo siqale ukusebenza kanzima njengesifundazwe iKwaZulu-Natal senza isiqiniseko sokuthi silungiselela izikole zethu ukuthi zibe sesimeni esifanele nesizokwazi ukuthi sisinike isiqiniseko sokuphepha kwabafundi, othisha nabo bonke abantu abasebenza ezikoleni zethu. Ngokukhulu ukuphuthuma kodwa okuhambisana nokulandela imigudu efanele nemithetho, siqale uhlelo lokuhlanzwa kwezikole, ukuthengwa kwezinsiza nezibulalimagciwane okumele izikole zonke zifuthwe ngazo ukuze kuqalwe ukufunda izikole zethu zingasenabo ubungozi bokutheleleka ngobhubhane lwesifo esibheduke emhlabeni wonke iCovid-19. Okunye okubalulekile obekumele sikunike izikole nabo bonke abasebenzi bethu yizinsiza zokuvikela ukutheleleka ngeCovid-19 okubalwa kuzo izifonyo, izibulalimagciwane zokuhlanza izandla, ukufaka amanzi namathangi lapho bengekho khona ompompi nokunye okuningi.
Sihlabeke umxhwele nokho ngokuthi esikhathini esifishane ngendlela eyisimanga sizithole zonke lezi zinto ezibalulekile futhi senza isiqiniseko sokuthi siyayigcina yonke imiyalelo ebalulekile ebibekwe nguNgqongqoshe uMotshekga ukuthi siyifeze ngaphambi kokuvula. Lokhu kucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini njengoba sesinezinhlelo zokuthi kuzokwenzekani nokuthi izingane ezithuthwa ngamabhasi zizohlala kanjani ukuze zishiyelane ibanga elingu-1.5 metres uma zisebhasini. Sinohlelo futhi olucacile lokuthi zonke lezi zingane zizohlolwa izinga lokushisa ziphinde zihlanzwe izandla ngezibulalimagciwane ngaphambi kokungena emabhasini. Noma sezifika ezikoleni kuzokwenzeka okufanayo njengoba bonke abafundi nothisha bezohlolwa izinga lokushisa kuphinde kuqinisekiswe ukuthi bahlanza izandla bafake nezifonyo esizobe sibanike zona. Siluphothulile nohlelo lokunikeza izikole amathangi amanzi saphinda kwezinye izikole sengeza ngamathangi amancane ahambisana nobheseni abayizinda zamanzi. Siphinde saqinisekisa ukuthi ngeke kube khona isikhathi lapho abafundi bezoba yizixuku ezikoleni. Miningi neminye imigomo esiyibekile ngenhloso yokuqini-sekisa ukuphepha kwezingane nothisha ezikoleni.
Senze okunye okuningi okudala ukuthi sizichome uphaphe lwegwalagwala ngokuthi sikwazile ukuqinisekisa ukuthi lithi liqala leli sonto sibe sesizithuthe zonke izinsiza siziyise emahhovisi ezifunda nasemahhovisi eziyingi ukuze zifinyelele kalula ezikoleni.
Siyafisa futhi ukucacisa ukuthi ekuqaleni kwesonto ziningana izikole ebese sivele sizinike zonke izinsiza esingasho ukuthi bese zivele zikulungele ukwamukela othisha nabafundi. Siyavuma nokho ukuthi ngenxa yesibalo esiphezulu sezikole esinazo esifundazweni njengoba siyisifundazwe esinezikole eziningi ukwedlula zonke ezinye kube umqansa ukuthi kushaye uMsombuluko sesihambise zonke zinsiza kuzona zonke izikole ezingaphezu kuka-6 000 esifundazweni. Ubuningi bezikole buphinde bathwalisa kanzima abakhiqizi bezinsiza obekumele zifinyelele ezikoleni ngokushesha.
Lezi yizona zizathu ezidale ukuthi sikubone kumqoka ukuthi esikhundleni sokuthi sivule izikole izolo kodwa kube kusekhona lezo esingakakwazi ukuzinikeza izinsiza ezifanele siqhamuke nelinye isu. Le lisu yilo leli lokuthi sihlehlise ngezinsuku ezimbalwa ukubuyela kothisha emsebenzini ukuze babuyele sesiqedile ukuhambisa zonke izinsiza. Njengamanje sesingasho kugcwale umlomo ukuthi sesimi ngomumo futhi bonke othisha nabafundi bazobuyela ezikoleni isimo sezokuphepha siseqophelweni eliphezulu kakhulu.
Kuyamangaza-ke nokho ukuthi esikhundleni sokwenza imizamo yokuthola izizathu eziholele ekutheni sithathe isinqumo sokuhlehlisa ukubuyela kothisha emsebenzini, kunalabo ababone ithuba lokuhubhuza amanga aluhlaza befafaza amahlebezi angekho okuthi lokhu kudalwe ngukuthi besingakulungele ukuvula izikole. Amanga aluhlaza lawo. Angingabazi futhi ukuthi abanye bakwenze ngamabomu lokhu ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo ezingenabo ubuntu futhi ezingahambisani nokubeka eqhulwini ukuhlinzekwa kwezingane zethu ngemfundo. Labo abangoskhwili phambana nobhoko onhloso yabo ngukudicilela phansi isithunzi nokubukela phansi imizamo yokusebenza ngokuzikhandla koMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe ngisho nangesikhathi esinzima lapho kumele ngabe sonke sibambisene silwa neCovid-19. Siyanxusa ukuthi noma kungavumi kodwa bazame ukubuyelwa ngubuntu benze okufanele.
Kuleli qophelo siyafisa ukwethulela isigqoko inqwaba yothishanhloko bethu abadele konke bazisholo bona ukuthi bayafisa ukubambisana nathi ukuze sisheshe sinikeze izikole zabo zonke izinsiza ezidingekayo. Ubuholi-ke lobo. Lokhu kuyizinkomba zokuthi ezinye izikole zethu ziphethwe abantu abanentshisekelo engefaniswe yokuthi izwe lethu lithuthuke lithole imfundo esezingeni eliphezulu. Kuyadabukisa nokho ukuthi kukhona isigejana salabo ebebegweva ukuvula amasango ezikole ukuze kulethwe izinsiza. Umbuzo omkhulu esisala nawo ngowokuthi hlobo luni lukathishanhloko ovimbela ukunikezwa kwesikole sakhe izinsiza ezizosiza othisha nezingane zethu.
Siyafisa-ke ukucacisa ukuthi thina sesikwenze konke okufanele sanikeza zonke izikole ezikudingayo kusukela ekusikweni kotshani, ukuhlanzwa kuya ekuletheni izinsiza zothisha nezabafundi. Osekusele ngukuthi umuntu nomuntu avuselele umuzwa wobizo lwakhe olwamenza wathatha isinqumo sokuba nguthisha nokufuna ukubona isizwe sithuthuke ngemfundo esezingeni elifanele.
Sinxusa nemiphakathi ukuthi isebenzisane nathi ngokulandela yonke imiyalelo efanele ehambisana nokugwema ukusabalala kweCovid-19.
Masisukume sakhe muzi wakwethu sibambisane ekunqobeni ubhubhane bese siyabambisana ngokuthi izingane zethu ziphephe nasemakhaya uma seziphumile ezikoleni lapho esinesiqiniseko sokuthi sizobe silinyuse kakhulu izinga lokuqikekela ukuphepha kwazo.
UKwazi Mshengu unguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal