MHLELI: Ngithi angibhale ngombono obekwe nguJabulani Zenzo Khumalo mayelana nohlelo lukaJub Jub, Uyajola 9/9. Ngicela ningavumeli abamosha izinto. Siyaluthanda lolu hlelo nomndeni wami.
Okwenzeka ohlelweni akuphathelene namadoda kumbe nokucindezelwa kwabanye. UJub Jub uyasebenza futhi uceliwe ukuthi enze lokhu akwenzayo. Izifo zibhebhetheka kanje wukungathembeki kwabantu akukhathaleki ukuthi abesifazane noma amadoda.
Lolu hlelo lwenza abangathembekile bazibone bephelelwe wumhlaba.
Amasoka abantu abaziwa ngakho. Intombi kube yiyo ekhetha ukuzifaka khona. Asikhulumi ngabakhohlisi, abaqamba amanga, bezenza abathembekile.
Uhlelo alukhethile, nendoda ivunyelwe ukucela usizo kuJub Jub. Mhla kuqala uhlelo indoda nayo yavela ohlelweni ikade ikhohliseka ngengane eyikhulisile, kwagcina kulungile bazwana. Mina ngithi qhubeka Jub Jub sikufisela okuhle kodwa.
Khanyisile Mahlambi