UKUGIXABEZWA ngezinhlelo ezisemqoka emsakazweni Ukhozi FM, sekwenze isilomo soKhozi FM, uKhathide ‘Tshathugodo’ Ngobe sathatha isinqumo sokuhoxa ekulingiseni
.
UTshatha, osedume ngeleSpheshethwa, uthe ngeke esabuyela kwiMbewu-The Seed.
“Kungivovile ukulingisa, akufani nasemsakazweni. Lapha ekulingiseni uhlala usuku lonke wenzana nento eyodwa.” Njengoba kunamahlebezi okuthi indawo abeyilingisa izokhula ngesizini entsha, uthe uzolinqaba ithuba lesibili.
“Sengixineke kakhulu manje. Vele ukulingisa akusiwo umsebenzi ebengifuna ukugxila kuwo kodwa bengizwa nje amazwi ngobhoko.”
UTshatha yinsizwa enenhlanhla yokuthi nanoma yini eyenzayo ifike ichume.
Asingakanani isikhathi uTshatha efikile emsakazweni kodwa usefike waphenduka isilomo salo msakazo, uhamba ezinyathelweni zikaKansas City Mchunu.
UTshatha ufike oKhozini ezokwenza uhlelo lukamaskandi, iSigiya Ngengoma, ngo-2003. Ufike nalapho wagila izimanga ewola inqwaba yemiklomelo kumaSatma nakwiMTN Radio Awards nokwamenza wangcebeleka e-USA naseDubai. Kusukela lapho akabange esabheka emuva ngoba uKhozi lumnikeze uhlelo lwantambama, olwashayelwa yizinkakha oKansas City noLinda Sibiya.
UTshatha uthe imfihlo yakhe ukwenza isiqiniseko sokuthi uyabagculisa abalaleli bezinhlelo zakhe.
“Kunoma yiziphi izinhlelo engingena kuzo, ngenza isiqiniseko sokuthi ngenza izimanga kulo ngokwandisa isibalo sabalaleli. Nakulolu lwantambama ngafike ngalubeka ku-3 million, okuyinto eyayiqala ngqa ukwenzeka.”
Amagalelo kaTshatha abonakele ngesikhathi izikhulu zoKhozi zimthatha umfokaNgobe zimnikeza uhlelo lwasekuseni iVuka Mzansi Breakfast Show, okuwuhlelo oluhamba phambili kunoma yimiphi imisakazo.
Uthe kumethusile ukuqokelwa lolu hlelo ngoba ubesazibona enza kahle ohlelweni lwantambama.
Echaza ngokuthi kusho ukuthini lokho kuye, uthe ucabanga ukuthi abaphathi basagculisekile wumsebenzi awenzayo kanti kuyacaca nokuthi abalaleli bayameseka.
“Abalaleli sibafihlele induku emqubeni ngoba kukhona esiza nakho okusha okuzobathokozisa kodwa ngeke sikuqede okunye okuhlabahlosile obekukhona. Sizoluthatha lolu hlelo silubeke kwelinye izinga ngesibalo sabalaleli,” kusho uTshatha. Akugcinanga lapho kodwa uTshatha ubuye wabuyiselwa ohlelweni lukamaskandi ngoMgqibelo, iSigiya Ngengoma ngenxa yengcindezi yabalandeli balo mculo, bonke bahluleke bancama ukungena ezicathulweni zakhe. Uthe yize ejabule kodwa abaphathi bamnikeze umthwalo onzima wokugcina abalaleli bejabule ngaso sonke isikhathi.
“Lunzima uhlelo lwangoMgqibelo...abalaleli balo banzima, kumele bahlale bejabule kungenjalo kuba nezinkinga. Yingakho luzoba wumsebenzi onzima kimina,” kugcizelela uTshatha.