UMGADLI weSuperSport United neBafana Bafana uThuso Phala uthi kumethusile ukuthi umdanso wakhe awushaya uma ejabulela igoli usuphenduke undabuzekwayo izwe lonke.
Lo mdlali odabuka eSoweto, eGauteng, usezakhele udumo ngomdanso wakhe awushaya uma ejabulela ukubhakuzisa inethi noma benqoba isicoco.
Uthi empeleni lo mdanso wawukopela kubafana thizeni ajwayele ukuzihlalela nabo achithe isizungu uma engayile ebholeni. Uthe ubakhonzile abafana abasebancane uhlala nabo abeluleke ngezinto ezahlukene empilweni.
“Ngathula ngawubuka lo mdanso bewushaya abafana, ngabona ukuthi ngeke ungehlule, ngizoke ngiwuzame. Ngaqala ngawuzama ngihleli ngedwa ngangabatshela laba bafana. Ngabona ukuthi sengathi ngiza kahle nawo. Kuthe ngelinye ilanga sengishaye igoli ngawushaya kwachwaza inkundla,’’ kusho uPhala.
Uveze ukuthi ozakwabo babengalindele wayebafihlele induku emqubeni ngalo mdanso osuyintandokazi.
Uthe umangele kodwa esebona usudanswa yonke indawo abanye bewufaka ezinkundleni zokuxhumana bebhale negama lakhe. Ubona nama-video afakwayo ezindaweni zobumnandi okucinywa khona ukoma kushawa iThuso Phala Dance.
“Ngiyajabula kakhulu ngoba kuchaza ukuthi abantu bayawujabulela lo mdanso kodwa nganginganakile nje ukuthi ungaze uthandwe kangaka. Ngisho eqenjini uma sihamba ezindaweni ezahlukene bayazi ukuthi yimi obaphethe ngomdanso. Uma kukhala ingoma bathi angishaye engidume ngazo.”
Uthe usazoqhubeka nokudansa aze akhase phansi emidlalweni yabo elandelayo njengoba esebonile ukuthi lo mdanso uyadlisa nabalandeli bamanye amaqembu bayawuthanda, uhlanganisa abantu abaningi. Kamuva nje lo mdanso usuke ubonakale ushawa ngisho abaculi abadumile nabokholo imbala.