IZOGXILA ekusizeni intsha ikakhulukazi yabafana inkakha eyazakhela igama ebholeni lakuleli, uTeko Modise, okuzobonakala yena kwisizini yesibili yohlelo oluthi It Takes A Village.
Isizini yesibili izoqala kuSABC1, ngoSepthemba 4 ngo-9 ebusuku.
Lolu hlelo luqale ngonyaka odlule kukhonjiswa uDJ Zinhle, enentsha yangakubo eDannhauser lapho ayekhuluma nayo ngezinto ezehlukene.
Kulona kwakugcwele amantombazane akhule ehlukumezeka, adlwenguliwe naseziphilisa ngokwenza izinto ezehlukene ngenxa yokuswela umsebenzi.
UTeko, oyinxusa leCape Town City ayeyidlalela, kulo nyaka nguyena othole ithuba lokuhlangana nentsha yaselokishini iSoweto, azalelwe kulona.
Ekhuluma ngokuba kulolu hlelo, uTeko oke wadlalela neMamelodi Sundonws, uthe esadlala ibhola wazitshela ukuthi uma eseyeka kulona uyosiza umphakathi.
“Ngifuna ukunikela emphakathini ngokuthi ngenze ushintsho oluzosiza abaningi kodwa ikakhulu abesilisa abasebancane. Kukhona izinto ezimbi kakhulu ezihlasele emphakathini engikhulele kuwona okunye wukungabi khona kwemisebenzi, indlala, udlame, ubugebengu, intsha ezinikele otshwaleni nasezidakamizweni okuyinto engizogxila kuzona kakhulu,” kuchaza uTeko.
Uthe kulolu hlelo ukhethe abesilisa abancane abangu-11, azobonakala nabo kule sizini.