USOMAHLAYA ophinde abe umethuli wezinhlelo, uTumi Morake, useveze ukuthi incwadi yakhe asanda kuyikhipha ethi And Then Mama Said, izocacisa ngezinto adlule kuzona ukuze abe yilo muntu awuyena manje.
Le ncwadi iqale ukutholakala
ezitolo zezincwadi kuleli ekuqaleni kwaleli sonto.
“Lena yindaba yami abantu akade bangicela ukuthi ngiyixoxe, ngibone kungcono ukuthi ngikuhloniphe lokho futhi ngiphinde ngibonge nomama wami ngokungikhulisa angenze owesifazane enginguye namhlanje,” kuchaza uTumi.
Uthe lena yincwadi okumele
ifundwe yiwo wonke umuntu njengoba izokhuluma ngezinto abantu abanemibuzo ngazo njengokushiya kwakhe emsakazweni iJacaranda FM,
ingozi yemoto eyamehlela ehamba ngemoto yakwaJaguar nokwagcina ngokuthi kube khona abantu abathi kwakufanele ehlelwe yile ngozi, ukugconwa ngomzimba wakhe ngesikhathi ethula uhlelo lomshado i-Our Perfect Wedding nezinselelo abhekana nazo emshadweni wakhe.
“Kungithathe isikhathi eside ukubheka indlela engcono yokuxoxa ngalezi zindaba.
“Bengingazi noma kumele
ngenze amahlaya ngikhulume
konke noma ngenze ngale ndlela
engenze ngayo manje. Manje mina nodadewethu sike sibheke emuva sikhumbule indlela umama ayehlala esitshela ngayo ukuthi sikhulume iqiniso nokuyinto engiyenzile kule ncwadi,” kuchaza uTumi.
Uthe kuleli ufuna ukuba yisibonelo kubantu besifazane abancane njengoba naye akhula ekhaya eligcwele abesifazane abamsiza ezintweni eziningi.