OWODUMO lwesithembu usephosele inselelo umengameli waseNingizimu Afrika mayelana nodlame oluqhubeka kwezinye zezifundazwe kuleli. UMusa Mseleku, woThando Nesithembu nohlelo uMnakwethu, uqophe i-video ayisabalalise ezinkundleni zokuxhumana izolo ebusuku enxusa uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi azokhuluma nabantu alalele izikhalo zabo.
UMseleku uthe sekuyisikhathi sokuthi uRamaphosa akhombise ubuholi, alalele izidingo zabantu abafuna kukhululwe ejele owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
"Ngalesi sikhathi nguwena umholi futhi silindele ukuthi usilalele. Ungangangizwa mina ngoba angikhulumi njengosopolitiki kodwa ngiyisakhamuzi, ngicela ulalele izizathu ezibekwa ngabantu nezenza benze lezi zinto. Noma ngabe aniboni ngaso linye kangakanani noZuma kodwa ngiyaninxusa, nobuholi bonke be-ANC nobamanye amaqembu, ukuthi nithole isixazululo ngalesi simo," kusho uMseleku.
Eqhuba, uMseleku uthe uphile kakhulu noZuma, ngesikhathi engumengameli nakamuva esethathe umhlalaphansi, ngakho kunezinkulumo ezinohlonze abake baba nazo. Uveze ukuthi uyakuqonda ukudinwa kwabantu mayelana nokuboshwa kwakhe kodwa sekuzwakele futhi kwanele manje.
Ephetha, uthe akahambisani nakho konke lokhu okwenzekayo futhi ngeke athule njengoba sekuqubuke nodlame lobuhlanga, abantu behlaselwa beshaywa bedutshulwa ngezinye izinhlanga.