UKUKHULELWA akumvimbanga ukuthi aqhubeke nento ayithandayo yokuba yiciko, uNandipha Sefoloko, ozakhele igama elingisa indawo kaSasa kwiLockdown njengoba esengene emculweni futhi esanda kukhipha ingoma ethi Pringles.
Kuzothi maduzane uNandipha emukele izibulo lakhe noMthokozisi Ndaba wodumo kuma-Idols SA.
UNandipha uthe ukucula yinto abevele eyithanda kodwa isikhathi sokungena kulo mkhakha ubengakaze asithole.
“Njengoba ngikhulelwe akekho ongazi ukuthi kuba isikhathi esinzima futhi izinto eziningi azenzeki. Ngakho ngokubona ukuthi ngihleli nginesikhathi sonke kwathi ngolunye usuku ngiwasha ngaculela uMthoko wachazeka wathi angiyiqophe,” kusho Nandipha.
Uthe ngesikhathi eqeda ukuqopha ingoma yakhe wayifaka ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhombisa ukuyithakasela.
“Isiyatholakala kuzona zonke izindawo zomculo kwi-internet futhi kubukeka sengathi izokwenza kahle njengoba abantu beyithenga. Uma sengikhululekile ngihlela ukuqopha nomunye umculi odumile naye,” kuchaza uNandipha.
Uthe ekulingiseni ubesamile yize bekukhona imidlalo ekade imfuna kodwa bekungeke kulunge ukuthi aqophe kuyo.
“Indawo yami kuLockdown vele yaphela kwisizini yesibili. Imenenja yami ibilokhu ingitshela ukuthi kukhona imidlalo engifunayo kodwa ngisho ukuthi ngeke ngikwazi ukwenza lutho ngenxa yesimo sami,” kuchaza
yena.