UPHUMELE obala ngokuhlaselwa ukhwantalala olwamlalisa esibhedlela umlingisi woZalo, othe uzimisele nokusiza abanye.
UThandeka Dawn King odlala indawo kaMaNgcobo kuZalo, ubengomunye wezikhulumi emcimbini wabesifazane eMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibelo. Uthe abamnyama banomkhuba wokuthi umuntu onokhwantalala uyahlanya, babone nokuthi uyisahluleki.
Uveze ukuthi walala amasonto amabili esibhedlela ngo-2004 ephethwe ukhwantalala.
“Kwakungathi ngisemgodini omnyama ngedwa, ngifisa ukuphuma kodwa ngingazi ngizophuma kanjani. Abantu bebengithethisa, bethi ngingayivumeli into engiphethe. Ungangayivumela kanjani into ivele ikuphethe?” echaza.
Uthe yilezi zinkulumo ezenza ukuthi abanye abantu abanokhwantalala bazibulale.
Unxenxe abantu ukuthi bakhulume nomuntu abemethembayo kuqala, ongeke abahlulele uma behlaselwa ilesi sifo. “Indlela engagula ngayo sengibonga ngisho ukuvula amehlo ekuseni,” kusho yena.
IZIKHULUMI ebezisemcimbini wabesifazane eMoses Mabhida okunguNkk Nomusa Madlala, uMfundisi Thandi Ngonelo, uNksz Nomfundo Mcoyi, uThandeka Dawn King woZalo, uNkk Thobile MaKhumalo Mseleku noNkk Noma Gigaba
UNkk Nomsa Madlala obekhuluma ngokuba nendoda engaziphethe kahle, uxwayise abesifazane ngamadoda akhuluma kabi ngamakhosikazi awo. Uthe uma indoda ishela, iyafihla ukuthi inaye umuntu ethandana naye. “Uma usuthole ukuthi indoda yakho iqonyiwe, musa ukushayela ucingo omunye wesifazane. Uma wenza lokho uzobe uzidalela ubuhlungu,’’ kusho uDkt Madlala.
UMfundisi Thandi Ngonelo utshele abesifazane ukuthi bangawujahi umshado.
“Uma indoda ikuthanda iyalinda, ayijahi. Uma ikhipha indandatho yesethembiso, ibuze ukuthi isikhule ngokwanele yini ukuze ungashadi nomfana. Ibuze ukuthi inayo yini imali nokuthi yini ezoyithuthukisa kulokhu oyikona,” kusho yena.
Kulo mcimbi bekukhona noNkk Noma Gigaba ongunkosikazi kaNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, otshele abesifazane ukuthi bangabekezeleli ukuhlukunyezwa ebudlelwaneni ngoba benzela izingane. Uthe izingane ziyabona uma abazali bengaphathene kahle emshadweni. Omunye obeyisikhulumi nguNksz Nomfundo Mcoyi weCebolethu Group, othe abesifazane bangasebenzisi ubulili ukuze bathole izinto.
Uthe uphumelele emabhizinisini ngoba ezimisela, hhayi ngoba engowesifazane.