Kuthiwa umfundisi wakhohlwa ngamaphepha omshado okwakumele asayinwe uSomizi Mhlongo noMohale Motaung ngosuku olukhulu.
Laba baba nendumezulu yomshado ngoJanuwari 2020 owalandelwa wuhlelo uhlelo lwempilo yabo.
TV: Coming up on the next episode of @mohale_motaung & @Somizi's wedding special#SomhaleUnion Part 2 drops on March 2nd exclusively on @ShowmaxOnline pic.twitter.com/aMso7K5Mfd
— Kgopolo (@PhilMphela) March 1, 2020
“Ngangazi ukuthi zazizoba khona izinkinga kulo mshado, njengokujwayelekile, kodwa kuba khona izinkinga obonayo ukuthi ziyokufaka eweni. Uma besitshela ukuthi umfundisi akasiphethe isitifiketi, ngavele ngancoma uNkulunkulu!” kusho uSomizi ohlelweni.
UMhlongo uhlangane nomeluleki wezomthatho, uMnuz Hopewell Sathekge efuna iseluleko ngokuhlukanisa kwakhe noMohale ngemuva kokuvela kwezindaba ezithi abakaze basayine lutho.