UKUSHONELWA ngabazali nodadewabo omdala kwamenza wabeka eceleni iphupho lakhe lokuba wumculi umsiki wengqephu oshade nomculi wokholo. UThandeka Chiliza-Zuma waseMzumbe, oyinkosikazi kaSgwili, usengene emculweni.
"NGIKHULE emndenini obucula nodadewethu uThembi ongasekho, ngasebenza neThunga Productions senza ama-chemical. Ngasebenza naseStable Theatre ngenza umasikandi ne-raggae. Bengilokhu ngiwuthanda umculo senza nomculo wokholo sinodadewethu sisizwa wuBabo. Washona udadewethu ngo-2008 ngase ngibheka izingane zasekhaya," kusho uThandeka.
Eqhuba uveze ukuthi ngonyaka ofanayo wabe esegxila emendweni wakhe noSigwili ngo-2009, bathola ingane yokuqala okwenza wama emculweni. " “Ngagxila ekhaya ngisebenza eceleni, ngaze ngagcina sengigxila kwezemfashini ngoba ngenye yezinto engikhule ngizithanda. Ngokukhula kwezingane nokubona ukuthi sengikulungele ukuqhubeka nomculo, ngibe sengiqala ngihlanganisa izingoma. Ngisasebenza ingoma ye-Afro pop ethi Ngatatazela noZakwethu owaziwa ngeyoMhlaka Happiness, engisazoyikhipha ngokusemthethweni bese iqala itholakala ezinkundleni zomculo," kusho uThandeka.
Eqhuba uthe yena noSgwili bayasekana selokhu ebuyele emculweni useduze naye futhi ukulungele ukuthi babambisane. "Ngizimisele ukusebenza naye uSgwili. Kuyimanje kukhona ingoma engiyenza naye noLindani Gumede. Uma ngimcela ukuthi siqophe akangihluphi uyangeseka, okwenza ngiphokophele phambili ngize ngikwazi ukuhlanganisa i-albhamu ngelinye ilanga. Nezingane zethu ngeke sinqabe uma zifuna ukungena emculweni, sizoziseka sizikhombise indlela," kusho uThandeka.
Ephetha uthe uyafisa ukuthi abantu bamnike ithuba futhi bameseke endleleni ayiqalile. Uveze ukuthi sebekhona abaculi abavule izandla ukukhombisa ukumeseka, okubalwa no-Andile Mbili womculo wokholo. Umndeni wakhe naye uthe useqhubeka nomculo okuyinto ezokwenza kube lula uma ehlanganisa izingoma.