UZOVELA namuhla eNkantolo yeMantshi eRandburg ngamacala okuhlasela nokukhomba ngesibhamu uChicco Twala onguphrojusa womculo kuleli.
UTwala uboshwe ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuthi abeCity Power bamvulele icala eDouglasdale.
Lokhu kwenzeke emva kwezinsolo zokuhlukunyezwa kwabasebenzi ababili bezintambo zikagesi ebusuku ngeSonto abafike endaweni yaseBloubosrand eGoli.
Ngokusho kwabeCity Power, abasebenzi bamtshelile uTwala ukuthi banelungelo lokuba lapho abebesebenza khona ngamakhebula ahamba eceleni komgwaqo.
Kuthiwa uTwala ukhiphe isibhamu wasikhokha, wasibeka ekhanda loyedwa, wamshaya ngempama ngaphambi kokumklinya emcindezela phansi.