ISIHLABANI somculo we-Afro soul, uBulelwa ’Zahara’ Mkutukana, udalule obekungaziwa ngesifo esimhlasela, uma ecula endaweni enezinkumbi zabantu.
Ekhuluma nomsakazi uMacGyver Mukwevho kwiPodcast and Chill with MacG, uthe uhlaselwa wuvalo maqede angene esikhathini noma akhishwe yisisu. Uthe lokhu kwaqala ukumehlela ecula okokuqala inoni lakhe elithi Loliwe eMoretele Park, ePretoria.
Eqhuba uthe usuku alukhumbulayo kungesikhathi enandisa emcimbini owawuseKenya. "Ngathi sengiphakathi nengoma ethi Umthwalo Wami. Ngabona kunezinkumbi zabantu. Abanye ngingababoni." Uthi washaywa uvalo, maqede wezwa ngegazi selehla ngemilenze.
"Ngaxakeka nje ukuthi ngabe ngisesikhathini kanjani ngoba ngiphuma kuso."
Uthi waphuma esegijima esiteji eyocela imenenja yakhe ukuba imtholele amaqakelo emotweni.
"Yagijima yangithathela ngabuyela esiteji. Bajabula abantu."
UZahara udalule nokuthi ubuntombi bakhe baqedwa ngumsakazi woMhlobo Wenene, u-Amaza Ntshanga. Uthe yena waqala ukuqoma eseneminyaka ewu-23 kodwa waze waqala ukuzitika ngocansi eseneminyaka ewu-24 no-Amaza osakaza uhlelo lwantambama oluthi Masigoduke.
Ngokusho kukaZahara, bathandana iminyaka emihlanu kwathi ngo-2016 bathembisana umshado emuva kokuba u-Amaza ethumele abakhongi kubo kaZahara. Ngemuva kokuhlukana kwabo ngonyaka olandelayo, uZahara wabuyisela amalobolo kubo ka-Amaza.
Sekungumlando ukuthi emuva kwezinyanga ezintathu uZahara wabe eseqoma umethuli wezinhlelo ezakhayo u-Ian Sihle kodwa umndeni wakhe washaya amakhala ngoSihle.
Ebuzwa ukuthi yini ayibheka kumuntu wesilisa ngaphambi kokuthandana naye, uZahara uthe akanayo ’ i-type’.
"Uma nje ngikuthandile negazi lami livuma siyathandana."
Mayelana nezingane uthe uzimisele ukuzithola emshadweni. Lo mculi usanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi Nqaba Yami.