UMCULI wasePort Shepstone uNaima Kay uthi akakholwa namanje ukuthi uzocula neqembu elihlonishwayo lowokholo iMTN Joyous Celebration ezoba seDurban ICC kusasa.
Ikhonsathi iThe Restoration - Imvuselelo, izothanyelwa yidlanzana labantu bese kuthi abanye bayibuke besemakhaya.
Iza emuva kokuhlehliswa kokuqoshwa kweyokugubha iminyaka engu-25 osekuzokwenziwa ngonyaka ozayo.
"Iyathusa le nto," kusho uNaima Kay.
"Iyajabulisa angikaze ngicabange ukuthi ngiyocula neqembu elikhulu kangaka."
Uthe wawenza umculo wokholo kodwa akakaze azibone esezingeni leJoyous.
"Inkulu kakhulu le nto angikholwa namanje mhlawumbe ngizokholwa kahle uma sengiphuma esteji ukuthi kade ngicula neJoyous."
Uthe bazocula ingoma yakhe ethi Imimoya asanda kuyikhipha.
Uthe omunye wabasunguli beJoyous uLindelani Mkhize, wamcela ukuthi bayenze ngoba eyithanda.
"Kumanje bamatasa bayazilungiselela eGoli mina ngizohlangana nabo kusasa (namhlanje) sizilungiselele ngaphambi kokucula ngoMgqibelo.
ULindelani uthe baningi abantu abanethalente ahalela ukusebenza nabo futhi uNaima Kay ungomunye wabo.
"UMdu Ngcobo (umphathi kaNaima) umngani wami wakudala esiwa sivuka naye. Ngimcele ukuthi ngisebenze noNaima wavumela phezulu ngoba ngiyathanda ukudidiyela nokuqondisa imicimbi yabukhoma. Sizokwenza ezinye izingoma zakhe futhi kukhona nabanye abaculi abazoba khona," kusho uLindelani.
Abanye abazobe bekhona ngoSniezey, Sebe Nzunza, Lungelo Hlongwane nabanye.
Omunye wabasunguli beJoyous uJabu Hlongwane uthe abantu babhekane nobunzima obuningi kulo nyaka belahlekelwa ababathandayo, umsebenzi, amakhaya nokunye okubashiye bengaphathekile kahle.
Uthe ukholo luvivinyiwe ngakho lesi yisikhathi sokujabula ngomculo wendumiso.
Amathikithi okubuka umcimbi bukhoma emakhaya atholakala ku-www.webtickets.co.za noma ePick n Pay ngoR120.
Umcimbi uqala ngo-7 ebusuku.