WILLEM PHUNGULA
UMSAKAZI woKhozi FM okhiphe ingoma kamaskanda nomfundi wase-Unisa, uthi yikhono lomfundi yilo elenze wavuma ukuthi bacule ndawonye, wenza naye ingoma.
UNolwazi Machi osakaza ezemidlalo, uhaya inkondlo engomeni kaMasheshisa oyivukane likamaskanda, nofunda e-Unisa.
UNolwazi uthi uhlangane noMasheshisa ngo-Agasti nonyaka wamlalelisa ingoma yakhe, wamcela ukuba afake izwi lakhe kuyo.
Uthi bebevele bazana ngemva kokuhlanganiswa ubevele emazi njengoba bahlanganiswawumfowabo kaMasheshisa uSgwebo Sentambo, naye ongumculi kamaskanda osenegama kulo mkhakha.
Uchaze uSgwebo njengomngani wakhe omdala. Uthe wachazeka ezwa ikhono analo lomfundi wabe esevuma ukungena ngenkondlo engomeni ethi Ibhinca lami.
Uthi okunye okumenze wavuma ukusebenza noMasheshisa, ukuthi ubone kuyisu elihle ukuthi njengoba engumbhali wenzincwadi, ashintshe asebenzise izwi lakhe kunokubhala ngoba abantu bakuleli seNingizimu Afrika babukeka benqena ukufunda izincwadi.
“Vele njengoba ngiwumsakazi ngaziwa kakhulu ngezwi, hhayi ngokusebenzisa izandla ngibhale. Ngibone kuyithuba lokuthi ngiveze ikhono lami kule ngoma kaMsheshisa,” kuchaza uNolwazi.
UMasheshisa ogama langempela nguDumisani Khoza, uthi ukujabulele ukusebenzisana noNolwazi kule-EP esihloko esithi Umthabo ka-No. Uthi ingoma yinto akhule ngayo ngakubo Obuka, eMelmoth futhi ukhule noSgwebo Sentambo egcekeni. Uthe uyigoso elaziwayo endaweni ngoba njalo ngamaholidi kaKhisimusi uhlela ingoma endaweni. E-Unisa uthi ufundela iziqu zobuthishela ngoba akafuni ukuthembela emculweni.
“Sekunesikhathi ngigida ingoma, ngicula emcimbini yangakithi manje ngibone ukuthi ngiqophe umculo wami. Nginenhlanhla ngoba ngiyakwazi nokuzibhalela izingoma. Ngiyabonga kuNolwazi ngokusebenza nami,” kuchaza uMasheshisa.
UMasheshisa ongumfundi wase-Unisa, noNolwazi Machi umsakazi woKhozi FM, benze ingoma kamaskanda ngokuhlanganyela