INGOMA entsha kaDJ Sumbody ephume ngoLwesihlanu ethi Korobela uthi uyiqambe kanje ngoba kunomngani wakhe amsola ngokuthi udlisiwe.
Lo DJ wasePitoli owaduma ngengoma ethi Monate Mpolaye uveze lokhu ngesikhathi elandisa leli phephandaba ngengoma yakhe entsha.
“Le ngoma ngiyenze emuva kwezinsolo esinazo ngomngani wethu esimbona esenothando oluyisimanga, esesisola ukuthi kunekorobela ekhona esiyenza okwayo,” esho ehleka.
Uthe uma konke kuhambe kahle uzokhipha i-albhamu ngoJuni kodwa okwamanje uhlele ukuhambela izindawo ezihlukene ngenhloso yokwazisa ngekorobela.
“Emasontweni azayo ngizohambela izindawo zobumnandi eziseThekwini namaphethelo, ngizoze ngifike naseMlaza. Abantu baseThekwini bangalindela ubumnandi uma sengifikile,” kusho uDJ Sumbody.
UDJ Sumbody uveze ukuthi usazoba mningi eThekwini njengoba emcimbini omkhulukazi wamahhashi, iDurban July, bezobe benetende i-Ayepyepm Lifestyle Marquee.
Uthe ngomuso angathanda ukuhlanganisa ingoma nabaculi base-Afrika naphesheya, okubalwa kubona uWizkid, Davido noJay-Z.
Usanda kukhipha enye ingoma ethi Lerato apike kuyona uRorisang ongumethuli wezinhlelo.