UKUHLABA ikhefu ngesikhathi sikathaqa kunikeze umculi wakuleli uGugu Zulu ithuba lokungenela umncintiswano omkhulu waphesheya kwezilwandle.
Le ntokazi yaseMandeni kodwa esizinze eHamburg eGermany, ingomunye wababanga isicoco sakulo nyaka se-The Voice Germany. UGugu uthi wangena kulo mncintiswano emuva kokubona isikhangiso kwasho ukuthi vele ubesahleli ekhaya engasebenzi ngenxa kathaqa.
Wathumela ivideo yakhe ecula neyathatha amehlo abaningi.
"Ngabona kuyithuba elikahle kimi, kanti bazoyithanda, manje sengingene ngagamanxa emncintiswaneni. NgoDisemba 5 bekuzophinde kuhlungwe. INingizimu Afrika ikhombise okukhulu ukungeseka isabalalisa nama-video ami ezinkundleni zokuxhumana. Ngingajabula kakhulu uma bengaqhubeka nokungeseka bangivotele noma kuthanda ukulumela ephaketheni," kusho uGugu.
Yize ezinze phesheya kwezilwandle kodwa uthi akakhohlwa yikhaya. "Ngilahlekelwe nayizihlobo kwashona ugogo nomalume ngenxa yeCovid-19, kube yisikhathi esinzima kakhulu ngoba bengingakwazi ukuza eNingizimu Afrika. Nomsebenzi ubusamile," kusho uGugu.
Uduma kwi-The Voice Germany nje useke waba namagalelo kwezobuciko ngisho nakuleli njengoba eke wasebenza namaciko ahlukene e-Afrotainment, Uzalo, KCap nakwezinye izinkampani. Akhona namafilimu adlale phambili kuwo okubalwa She is King namanye, waphinde waba wundabuzekwayo ngesikhathi benqoba iClash of the Choirs noKhaya Mthethwa.
Yize esezinze phesheya kodwa uthi akalenzi iphutha uyazama ukuba sekhaya inyanga yonke okungenani kanye ngonyaka. Ubonge noNkulunkulu ngokumbeka kuleli zinga asekulo kulo mncintiswano nanethemba lokuthi uzonqoba.