UKUZINIKEZA isikhathi esanele emculweni kumenze wazimela esenesipiliyoni esanele oqophe i-albhamu eshisa izikhotha kowokholo kulezi zinsuku. UMthokozi Nkosi waseNtaphuka eNdwedwe ukhiphe i-albhamu ethi UNkulunkulu Uyazi nesiqalile ukutholakala ezinkundleni zomculo ezahlukene kwi-internet. UNkulunkulu Uyazi ngenye yezingoma zokholo ezidlalwa kakhulu emsakazweni kulezi zinsuku.
UMthokozi uveza ukuthi akavelanga nje wavumbuka esewumculi ovuthiwe kodwa uqalwe waphekwa ngaphansi kwekwaya yangakubo iMale Voice nokwathi uma ephuma kuyo ngo-2016 wacula noBabo Ngcobo iminyaka emithathu nokwakhulisa isipiliyoni sakhe kule ndima yomculo. " Ngaqala ukuzimela emuva kokusebenza noBabo ngahlanganisa. Ngiwumuntu okuthandayo ukubhala ngabe sengizibhalela izingoma ngaqala ngahlanganisa ngaqopha,"kusho uMthokozi.
I-albhamu yokuqala ethi Izinyembezi wayikhipha ngo-2019 wathola nethuba lokusebenza noMxolisi Mhlongo weTop Class Productions osebenza nabaculi abanamava kowokholo nokwenza i-albhamu yakhe ihlangane ngendlela esezingeni eliphezulu. UNkulunkulu Uyazi noma kuyisihloko se-albhamu kodwa kuphidne kube ingoma yibhalelwe uDumi Mkokstad bese lezi ezinye wazibhalela yena.
" Ngikhethe ukucula ngedwa kule albhamu ukuze ngikwazi ukuzimela ngizazise nakubantu nohlobo lomculo engiwenzayo. Ngixubile ngishaya ngesigqi sowokholo esijwayekele kakhulu emasontweni nendlela yesimanje yokudumisa esekuculwa ngayo kakhulu. Ngikholwa ukuthi le minyaka eyisikhombisa ngiqoqa isipiliyoni yanele ukuthi sengingayibamba emculweni ngaphandle kokuncika kakhulu ngabanye abantu,"kusho uMthokozi.
Ephetha uthe yize esenawo ama-albhamu amabili kodwa usenamaphupho amakhulu njengoba eminyakeni emihlanu ezayo ezibona esene DVD ayiqophe bukhoma. Ukufukula amanye amaciko asakhula endimeni yomculo ngelinye lamaphupho akhe lo mculi. Uma engekho matasa nomculo ukhonze ukuhamba izinkonzo noma achithe isikhathi nomndeni wakhe. UMthokozi uphinde anikele ngesikhathi sakhe ukulekelela izinhlangano ezingenzi nzuzo ezisiza abahlala emigwaqweni nabacwile kwizidakamizwa.