UMCULI waseMnambithi, owake wasola umculi wekwaito futhi owayeyisoka lakhe ngokumhlukumeza, uBusisiwe "Cici" Thwala, ukhiphe ingoma eqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Kule ngoma esihloko sithi Baleka futhi ekwi-albhamu esanda kuphuma ethi Sukulila, uCiCi upike umkhaya wakhe oyimbongi uXoli “Zion” Vilakazi.
Ngo2019 uCiCi watshela iNkantolo yeMantshi yaseMidrand, eGoli ukuthi umculi wekwaito owayeyisoka lakhe, u-Arthur Mafokate wamhudula emgwaqweni ngoJuni 2017 kangangoba waze waphoqeleka ukuba ayohlinzwa inqulu. Eqhuba wadalula ukuthi ingxabano phakathi kwakhe noMafokate yaqubuka ngesikhathi ezama ukuqeda umjolo wabo. Kwabikwa ukuthi uMafokate wathukuthela wathelwa ngamanzi, wamphuca ifoni maqede wangena emotweni kodwa uCiCi wagxavuna isibambo sesicabha kodwa uMafokate wayishaya yazula imoto kwase kuhuduleka uCici ibanga elingu-300m. Wabe eseyokwelashwa esibhedlela, nokwathi emuva kwalokho wafaka izithombe zakhe elimele ku-Instagram.
Sekungumlando ukuthi ngo2019 uMafokate wakhishwa phambili yinkantolo kuleli cala.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaCiCi ayiphumelelanga. Kuhluleke ngisho nophrojusa wakhe uKitie Mkhize.
UZion, oyimbongi eyaziwayo, uthe inhloso yabo ngale ngoma esihloko sithi Baleka ukugqugquzela abantu besifazane ukuba baphume kusekuhle ebudlelwaneni obubahlukumezayo. "IBaleka ingoma kaCici athathe isinqumo sokungipika kuyo emuva kokubona ama-video emisebenzi yami ezinkundleni zokuxhumana." Uthe simthinte kakhulu isihloko ngoba naye uwumuntu obehlale eshumayela ivangeli lokuthi abantu abaphume ebudlelwaneni obubahlukumezayo.
"Sithi lisekhona ithuba lokuba uqale kabusha impilo. Siyathandaza ukuba uNkulunkulu asivikele kubona bonke ubudlelwano obusihlukumezayo.
"Abanye bayesaba ukuphuma kanti abanye batsheliwe ukuthi bangalinge baphume, bayoze baphume ngebhokisi." UZion uthe yena akakaze ahlukunyezwe yindoda ngoba ubesheshe abone uma ubudlelwano sebuya ngalapho.
"Bengibona iseza kude into ukuthi lapha angiphephile. Okusho ukuthi ogogo bebesangivikela," kuphetha uZion.
Le-albhamu kaCiCi enamaculo awu-16 ibophele iMafikizolo engomeni ethi Hamba Naye noDonald kwethi Phakade.