ISILOMO sikaDJ waseNingizimu Afrika, uBlack Coffee, silimale engozini ebhanoyini sisendleleni ukuyonandisa eMar Del Plata, e-Argentina.
UBlack Coffee ufake isitatimende ekhasini lakhe le-Instagram naku-X ngoLwesithathu ntambama, wakuvala ukuthi abantu baphawule kuso.
Uthe ulimale kule ngozi okungakhishwanga mininingwane ngayo.
“Singakuqinisekisa ukuthi uthola ukwelashwa okusezingeni futhi unomndeni omesekayo nethimba lakhe,” kusho isitatimende.
— Black Coffee (@RealBlackCoffee) January 10, 2024
Sinxuse ukuse abezindaba nabalandeli bamnike isikhathi ngasese. Sithe ululama kahle.
“Ukubheke ngabomvu ukuba nani nonke maduze.”
Lo DJ akapheli emazweni aphesheya ukuyonandisa khona ezindaweni ezahlukene.
Ngo-Okthoba nyakenye, uqophe umlando egcwalisa Madison Square Garden, eNew York, lapho ayenze khona ikhonsathi epike abaculi noDJ bakuleli okubalwa kubo uShoba, Bucie, Msaki nabanye.