INDODAKAZI yezihlabani zakuleli zekwaito, ithi imi ngomumo ukubonakalisa amagalelo ayo ukuze kucace ukuthi, ayicashile ngegama labazali bayo.
U-Owami Mafokate (20), uzalwa ngamaciko amabili okungu-Arthur Mafokate noQueen Sesoko owayecula phambili eqenjini i-Abashante. Muva nje, ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ngosuku lwakhe lokuzalwa. Le albhamu uyiqambe ngokuthi, iReady kanti inamanoni ayisikhombisa futhi isiqalile ukudlalwa eziteshini zomculo.
Engxoxweni yakhe neSolezwe ngeSonto uthe, igama elithi Ready lichaza yena uqobo ngoba usezimisele ukukhombisa izwe ukuthi naye unekhono lakhe, ngaphandle kokuzalwa ngamaciko. Uthe kuyamjabulisa ukuthola izincomo ngomsebenzi wakhe ekubeni kusanesikhathi esincane ekhiphe i-albhamu.
“Kusobala ukuthi ziseza nezinye izincomo ngoba sincane kakhulu isikhathi le albhamu iphumile kodwa abantu abawuvali umlomo. Isigqi sayo sixube ama-piano nehouse,” kuchaza u-Owami.
Elandisa ngokukhiqizwa kwe-albhamu yakhe, uthe bekunamaculo amaningi awenzile kanti amanye awo adidiyelwe nguyena kodwa agcine engangenanga kwi-albhamu.
“Sigcine sikhethe ukuthi sidedele lawo engiwaphrojuselwe nguWash no-Arthur. Bengingafuni ukugagamela ngoba ngisemusha kodwa nginethemba lokuthi i-albhamu yami yesibili, ngizobe ngiziphrojusele mina ngedwa,” esho ngokuzethemba.
Uveze ukuthi kwamethusa ukuqokwa kwakhe kuma-South African Amapiano Music Awards, okungokokuqala enzeka kuleli.
“Ukucabanga nje ukuthi kukhona ababona kungifanele ukuqokwa kuma-award amakhulu kangaka. Ngibe seqoqweni elilodwa nabaculi abakhulu bama-piano, kungenza ngibe nomfutho wokuqhubekela phambili kwengikwenzayo,” usho kanje.
Le ntokazi ibonakala izibambele mathupha ezinhlakeni eziningi kwezikaqedisizungu, ngaphandle kokucula. Ibuye ibengusomabhizinisi futhi iyisihlabani senkundla yezokuxhumana, iTik Tok.
Amavideo akhe awanameka kule nkundla abukwa yizinkumbi zabantu emhlabeni kanti kunensizwa uKera Ramz, ajwayele ukubambisana nayo ekuqopheni amanye amavideo.
Ebuzwa ngobudlelwane bakhe noRamz ngoba kunamahlebezi okuthi bayajola, uvele waphela yinsini maqede wathi: “Angifuni ukungena ngigamanxe ezindabeni zami zangasese kodwa kona sisondelene kakhulu noKera Ramz.”