INGWAZI emculweni wesicathamiya futhi esiwuzungezile umhlaba, uDkt Victor Mkhize weColenso Abafana Benkokhelo, izobungazwa isaphila kuma-2021 SIP Isicathamiya Music Awards eBat Centre, eThekwini ngoMgqibelo.
Umsunguli walo mqhudelwano wezindondo waminyaka yonke uthe banqume ukuchoma uMkhize uphaphe lwegwalagwala ngenxa yamagalelo akhe ekuqhakambiseni lo mculo emazweni angaphandle.
"UMkhize usenze okuningi emculweni wesicathamiya kodwa akakahlonishwa ngendlela emfanele. Yingakho sithathe isinqumo sokumbungaza esaphila kulo mcimbi walo nyaka," kusho uSaziso Dlamini weSIP Music Awards.
Uthe akubona abaphakamise igama likaMkhize, kodwa kube ngamajaji ayishumi avumelane ngo-elethu ukuthi lo makadebona uwufanele umklomelo weLifetime Achievement Award.
Uthe okwenze uMkhize waphuma phambili wukuthi useneminyaka engaphezu kwewu-15 eyibambile insimbi ishisa kulo mculo futhi usezakhele igama nasemazweni amaningi phesheya kwezilwandle.
IColenso Abafana Benkokhelo yiqembu lesicathamiya elasungulwa ngeminyaka yo-1970 futhi selibuya emazweni amaningi okubalwa kuwo iFrance, Russia neNamibia.
Kwi-Best Album of the Year, kutholene phezulu iBizana City Boys, Highlands Vela Brothers, King Star Brothers neNongoma Khethukuthula. Emkhakheni weBest Africa Unite Song kudlana imilala iBizana City Boys - Madiba, Inkanyamba yaseMtshezi - Xenophobia neMachunwini Black Swallows - Covid-19.
KwiBest Awareness Song kuqhudelana iBergville Green Lovers - Covid-19, Nongoma Khethukuthula - Corona neNgqondongqondo - Impilo Iyazilawula. KwiBest Collaboration kubambana iBizana City Boys ft Mkhehle - Uzenzile, Ongqondongqondo - Impilo Iyazilawula neNongoma Khethukuthula ft Msuthu - Umkhosi Womhlanga.
KwiBest Song of All Time kududulana iKing Star Brothers - Babili Bathathu, Machunwini Black Swallows - uMshikarika neRoyal Messengers - Zimpilo Zabantu.
KwiBest EP/Single Track kubhonyana Abafana BeThembelihle - Covid-19, Bergville Green Lovers - Covid-19 noNgqondongqondo - Impilo Iyazilawula. KwiBest Upcoming Group kubulalana Abafana BeThokozisa, Highlands Vela Brothers, Intuthuko Young Stars neNongoma Khethukuthula.
KwiBest Sicathamiya Music Presenter kugoklozana uBongani Dlamini weMaputaland Community Radio, Mzukisi Nqukula weNgwane FM, Sibongiseni Lamula weRadio Khwezi noSontshikazi woKhahlamba FM.
KwiSong of the Year kuboshelwe iBergville Green Lovers - Covid-19, Bizana City Boys - Uzenzile neLadysmith Abafana beThembelihle - Nkulunkulu Senzeni.
Kulindeleke ukuthi kumenyezelwe nendondo yabalandeli abathembeke ukubadlula bonke ebizwa ngeMost Loyal Fans.
UDlamini unxuse abazohambela le ndumezulu yomcimbi ukuba bagcine isikhathi ngoba umcimbi uzophothulwa ngo-3 ntambama.