UTHUSHUKE emunxeni onzima umdansi osephenduke umklwebhi wamapuleti, uSlenda da Dancing DJ, eqokwa koweBest Gqom Album kumaSouth African Music Awards (Sama).
Intokazi yaseLamontville egama layo langempela nguSithabile Zungu, ingowesifazane yodwa emunxeni obalwa neminye emikhulu.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uSlenda uthe kumthusile ukuqokwa emiklomelweni emikhulu kangaka.
“Namanje angikholwa ukuthi lokhu kwenzeka ngempela ngoba ngisemusha ekubeni ngumculi. Ngijabule kakhulu futhi ngibonga i-Afrotainment engigqugquzelile ukuthi ngikhule kule ndima njengoba ngiqale ngokuzidansela,” usho kanje.
Emkhakheni weBest Gqom Album, uSlenda uqhathwe nezinkakha zegqom neqembu ebelishisa izikhotha ngeKhula, uBello No Gallo.
Kuwona owegqom kukhona uDlala Thukzin, Dladla Mshunqisi (abasesitebeleni sinye noSlenda)noT Man.
USlenda uthe uyabonga kubalandeli bakhe ngokumeseka futhi uyathembisa ukuthi ngeke abenzele phansi.
AmaSamas osekuwunyaka ka-28 enzeka futhi athathwa njengemiklomelo emikhulu yomculo waseMzani, azokhonjiswa bukhoma ngoJulayi 31 kwiSABC1.
Abanye abagqamile ngesikhathi kumenyezelwa abaqokelwe eminye imikhakha ebhekwe ngabomvu nguZakes Bantwini, oqokelwe eminxeni eyisikhombisa ebalulekile.
Phakathi kwayo kubalwa oweRecord of the Year, owe-Album of the Year noweMale Artist of the Year.
U-DJ Maphorisa nguyena olandela uZakes njengoba eqokwe emikhakheni eyisithupha.
Abaculi abaningi abaqokelwe imikhakha ehlukene emiklomelweni ngabaculi bama-piano.