IQEMBU lomculo wesicathamiya, iKholwa Brothers, lihambela phezulu emuva kokuqwaqwada abaculi bamazwe ngamazwe emqhudelwaneni, iWorld Championships of Performing Arts eLos Angeles eCalifornia, e-USA ngempelasonto.
Emqhudelwaneni oqale ngomhla ka-22 waze waphothulwa ngoMgqibelo, iKholwa Brothers yaseThekwini, iwole inqwaba yezindondo eminxeni ehlukahlukene. Umholi weKholwa Brothers, uDerrick Mlambo, uthe bashiye abantu besahalela impinda ngenxa yendlela ebebecula ngayo esteji. Uthe bayibekile induku ebandla ngomculo wesicathamiya.
"Besiqhathwe namaciko acula ngaphandle kwezinsimbi, asemazweni angu-62."
Ube esebonga umphakathi wakuleli nohulumeni ngokwenza uhambo lwabo lube yimpumelelo.
Leli qembu belingaqokwanga emncintiswaneni kodwa lizicabele lona indlela yokuya kuwona ngokudla umhlanganiso emncintiswaneni kazwelonke weSouth African Championships of Performing Arts, eRustenburg, ngoDisemba 2020. UDerrick uthe kwakufanele bayomela izwe ngoJulayi nangoNovemba wanyakanye kodwa baphazanyiswa wukubheduka kweCovid-19, okwaphoqa ukuba kube kulo nyaka.
"IKholwa Brothers beyingaqali ukuyocula eMelika njengoba ngo-2018 yaba nomjikelezo lapho yayicula emadolobheni amaningi khona, okubalwa kuwo iNew York, Atlanta, Brooklyn, Washington DC, New Jersey, Baltimore, North Carolina, Silver Spring namanye."
UDerrick ubonge umnyango wezobuCiko KwaZulu-Natal ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe uHlengiwe Mavimbela ngokuxhasa uhambo lweKholwa Brothers. Ubonge nakuNdunankulu, uSihle Zikalala ngokuphakamisa nokutusa imisebenzi yeKholwa Brothers enkulunweni eyayibhekiswe esifundazweni ngo- 2021.
Echaza uDerrick uthe kwaba yinto enkulu kuye nabafana ukuzwa igama leKholwa Brothers limenyezwa futhi linconywa wundunankulu waseKZN.
"Ngake ngangakholwa uma ngizwa kuthiwa kukhulunywa ngathi eSishiyamthetho saseKZN. Ngangingazi ukuthi impumelelo yethu yaseRustenburg yayizohamba ibanga elingaka.