ISIHLOKO: Dear Msakazi
UMCULI: Amageza Amahle
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: Charles Khuzwayo
LELI yiqembu likamaskandi elasungulwa wuMtshengiseni “Indidane” Gcwensa ngokubambisana noSbongiseni “Mphondi” Ntombela ongasekho noMzameni “Njencane” Ngubane ngo-2004.
Selineminyaka engu-16 likhona kule ndima, yize Indidane seyasishiya emhlabeni. Njengamanje aholwa nguKhayelihle “Potso” Ngobese, oyindodana kaTholakele Ngobese ocula kwiZingane Zoma.
Kulo nyaka leli qembu libuye lagqemeka ingozi lishiywa ngamanye amalungu abelekelela uPotso ngamazwi kodwa uqhubekile nokuyibamba izacile.
Akuzwakali ukuthi kukhona abangasekho. Le ngoma ethi Dear Msakazi; Ngizabalaze Kakhulu (okupikwe kuyo nendodana yeNdidane, uSphe Gcwensa); Nyan-Nyan nethi Khona Abazongena, zivele zangikhumbuza kusaphila Indidane ngoba iwushuni waMageza omdala.
Abantu base-Eastern Cape nakoMzimkhulu bazoyithanda le ngoma eshaywe ngesigqi sesiBhaca futhi nangoshuni kaMfazomnyama esihloko sithi Molo Mhlobo Wami. Ngeke zingahlengezeli izinyembezi uma uzwa ingoma enosizi ethi Ekujuleni Kwenhliziyo, okupikwe kuyo uSiyanda Tshabalala.
Ishaya ngomzwilili wezwi lentokazi ngisho nasengomeni yothando ethi Yini Abantu. Okunye okuhle okwenziwe uSiyanda ukwengeza ulimi lwesiNgisi nolweseSotho. Ungadansa uze ukhase phansi ngengoma okupikwe kuyo uMashwabana wombhaqanga ethi Sungaze Ungale nethi Babengakholwa.
Uma uzifela ngomaskandi wangempela, uzoyithokozela ethi Kulonyaka, Bafana Bengoma. Nakuba kunjalo kodwa Amageza afudumeze ingoma kaSemi Tee ethi Labantwana Ama-Uber nekaJobe London ethi Suk’Endleleni engomeni ethi Jobe.
Aphinde afudumeza ingoma ecula emidlalweni yebhola futhi edunyiswe nguNtando Bangani engomeni ethi Lashona Ilanga. Ngokuzayo bangabhali ukuthi zonke izingoma zibhalwe yibo ekubeni kunemifudumezo ngoba kuyicala elibomvu lelo.
Indidane yake yahlawuliswa uR35 000 ngengoma kaRichie S eyayithi African Dance (Taxi Taxi).
Ezinsimbini kusaboshelwe unjiniyela uMzamo Ndlovu, esigingcini nguMabhakabhaka Ngema, ebhesini nguMaqhude Mkhize, kwinkositina nguMafesi Mkhize kanti kuma-keyboard nguKhehla Nkosi kanti emaphinjeni nguSabelo Ngobese. Alikhuphule kakhulu izinga Amageza Amahle.