UZIFAKE obishini umculi wekwaito, uSenzo ‘Character’ Langa, ngengoma ezwakala sengathi ithuka abantu abamhlophe esihloko sithi Inj’Umlungu.
Ngokusho komthombo, le ngoma isizakhele isigcwagcwa eziteshini eziningi zakuleli kangangoba aziyidlali.
Ebuzwa uCharacter ngala mahlebezi, uvumile ukuthi ingoma yakhe ayidlalwa eziteshini zakuleli ngoba abaphathi bazo besola ukuthi uthuka abelungu.
“KwaSABC bangitshelile impela ukuthi ngeke baze bayidlale ingoma yami uma ngingasishintshi isihloko sale ngoma. Ngiyikhiphe ngemuva kaJulayi kodwa namanje ayikadlali.”
Uthe ukungadlalwa kwale ngoma emisakazweni sekuphazamise ukuphuma kweCD yakhe entsha abehlose ukuyikhipha ngoNovemba.
“Sengiyoze ngiyikhiphe ekuqaleni konyaka ngoba kungafana nokuthi ngiyaganga uma ngingakhipha i-albhamu ekubeni kungekho ngoma eyaziwayo.”
Uthe usethathe isinqumo sokushintsha isihloko sengoma athi Yimi Umlungu nakuba engeke azishintshe izinhlamvu zengoma.
UCharacter uthe yena ubengaqondile ukuthuka abelungu ngale ngoma kodwa ubesho isaga esivamise ukushiwo ngabasebenzi.
“Yinto ehlale ishiwo abasebenzi ukuthi abalibeki emisebenzini uma kade belale bekhathele. Angisho ukuthi abelungu yizinja kodwa ngizisholo isaga.”
Akukhona okokuqala uCharacter engena enkingeni ngengoma ayiculayo. Eminyakeni eyedlule wake wasusa umsindo ngeyayeseka unobhala-jikelele iSaftu uZwelinzima Vavi ngemuva kokuqubuka kwezinsolo zokudlwengula owesifazane ngesikhathi esekwiCosatu ngo-2013 .
UCharacter, ongumfowabo kaProfessor, waziwa ngamanoni athi Ex nethi Sayitsheni.
Uthe uselaxaze phansi iKalawa Jazzme, wasungula inkampani yakhe, Abazingeli Entertainment.
“Ngifuna ukuvumbulula amakhono kubaculi abasafufusa,” usho kanje.