UMBHALI wezincwadi zemidlalo yasemoyeni, usethathe isinyathelo sokufaka kubameli abaphathi boKhozi FM ngenxa yokuthi abafuni ukumkhokhela imali abamkweleta yona enguR57 000.
UDumisani Hlatshwayo (37) waseLimpopo, uthe wabhalela lo msakazo umdlalo ozigcawugcawu osihloko sithi Singcwaba Nini. “Ngagunyazwa ukuba ngibhale iziqephu zalo mdlalo ezingu-32, engangizothola ngazo uR1 800 ngesiqephu ngasinye.” Uthe umdlalo wakhe wasakazwa kusuka ngoJulayi 26 kwaze kwaba wuSepthemba 13 ngo-2016.
“Kwathiwa ngeke ngisayisayina i-contract ngoba sewuze wadlalwa lo mdlalo, ngabe benza okuphambene nomthetho kaSABC. Umphathi woKhozi wathi okungcono angibathumelele i-invoice. Ngakwenza lokho kodwa kwangabikhona inqubekela phambili. Bengilokhu ngixhumana naye uMpanza elokhu ethi angilinde. Ngibe sengimthumelela umqhafazo wafona sekuzophela uNovemba wathi sekugunyaziwe ukuthi ngikhokhelwe ekupheleni konyaka owedlule kodwa kuze kube yimanje angikatholi lutho. Noma ngimthumelela imiqhafazo, uMpanza akasangiphenduli. Angisazi ngempela ukuthi kufanele ngenzenjani.”
Ethintwa uMpanza ucingo lwakhe belungaphendulwa kwahluleka ngisho esethunyelelwa umqhafazo.
Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago, uthe bayazi ukuthi bakweleta uHlatshwayo le mali ngenxa yokuthi kunemigomo engalandelwanga ngaphambi kokuba aqale umsebenzi. “Naye umbhali akumele akhale ngoba uyalazi iqiniso futhi ubelokhu aziswa ukuthi kuqhubekani hhayi ukuthi useyazitshwa. Uzokhokhelwa imali yakhe ngoba sisemzuliswaneni wokugcina wokukhokha,” kusho uKganyago.
UHlatshwayo usanda kuhlabana kwi-2017 Sanlam Prize For Youth Literature kumunxa we-African Languages ngencwadi ayihlelelwa nguSolwazi uDBZ Ntuli esihloko sithi Imibala Yothando kanti eyokuqala esihloko sithi Inhlonipho ifundwa kuGrade 9.