ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uDudu “Lady D” Khoza, sithe konke kumi ngomumo ngomgubho wosuku lwaso lokuzalwa ozodonsa impelasonto yonke.
ULady D wethula uhlelo iJabul’ujule ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto.
Uthe kuzofika inqwaba yosaziwayo abahlukene bazohlanganyela naye uma esegubha.
“Abanye bazofika kusukela ngoLwesine. Ngibala o-Amanda Black, Berita, Sonia Sedibe noSimphiwe Ngema. Bazoshaya izindawo ngoba okuningi kuzokwenziwa ngoMgqibelo ekuseni,” kusho uLady D.
NgoMgqibelo ekuseni bazovukela eShaka Marine World nezintandane eziwu-120 zasemakhaya ahlukene ezizolethwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. Bazoqala ngesidlo sasekuseni ngaphambi kokubuka konke okwenzeka eShaka bese beyabhukuda. Kuzobe kukhona nezikhulumi ezehlukene.
“Sizosika ikhekhe babuke imibukiso yama-dolphins. Yilapho kuzobe kufika khona nabanye osaziwayo bahlale nabo.”
Uthe ngeSonto bazoya eTafta Old Age Home eMawoti, eNanda.
“Sizofike sibaphe izingubo, ukudla nezinye izinto ezizohlala isikhathi zikhona bese sisika nekhekhe futhi.”
ULady D uvele woma yinsini uma ebuzwa ukuthi uhlanganisa iminyaka emingaki.
“Ngibheke empeshenini manje,” kusho yena ehleka, “qagela ngineminyaka emingakanani. Abantu bazongibona nginomfutho bese bethi kodwa iminyaka ihambile. Kuzongivalela amathuba.”
Uthe uqale umcimbi emuva kokubona ukuthi uthola izipho eziningi ngosuku lwakhe lokuzalwa.
“Ngangingazi nokuthi ngizobonga kanjani. Amakhekhe afike kusuka kuqala uMashi kuze kuphele * -Ephreli. Ngavele ngabona kungcono ukujabula nabantu.”