UKHISIMUSI usheshe wafika kwabanye babaculi kuleli njengoba ngoNovemba 1 kukhona abakhokhelwe imali yokudlalwa komculo wabo emsakazweni nakuthelevishini.
Abaculi okukhona kubo u-AKA, Chicco Twala, Mzwakhe Mbuli, Babsy Mlangeni, Ihhashi Elimhlophe, Jabu Khanyile noSizwe Zako bangabanye babaculi abamenyezelwe njengabathole le mali, neyakhululwa yiSABC yayinika inhlangano i-IMPRA (Independent Music Perfomance Rights Association)
Le mali eyaziwa ngeNeedletime Royalties, beyiqala ukunikwa abaculi bakuleli njengoba ngenjwayelo beyitholwa ngabaphesheya kwezilwandle kuphela.
Omunye wabaculi abayitholile iHhashi Elimhlophe uthe ujabule ngokuba yingxenye yabaculi abaqale ukuthola lo mhlomulo kodwa okumjabulisa kakhulu ukuthi abaculi abakhona manje ngeke badlule emhlabeni behlupheka.
“Kuhle kakhulu lokhu okwenzekile futhi siyabonga kubona bonke abasebenze kanzima ukuthi sibe lapho sikhona manje. Okungijabulisa kakhulu ngalo mhlomulo ukuthi uvulele abaculi abakhona manje amathuba ngeke ubashiye ngelinye ilanga bethi bayahlupheka noma bashone bengenamali,” kusho uHhashi ozobe ethula iqembu lakhe elisha, iHhashi Movement eBat Centre eThekwini ngoLwesihlanu emini.
Uthe bekubuhlungu ukubona abaculi abasebenza kanzima sebephila impilo engeyinhle, ekubeni babamba iqhaza elimqoka emculweni wakuleli.
“Abanye badlelwa imizi nezimoto, ngiyathemba ukuthi manje lokho sekuzophela njengoba sekuqale lolu hlelo,” kuchaza yena.
Le mali ayitholwanga ngabaculi bodwa kodwa nophrojusa bezingoma ezihlukene bahlomulile nabo.