UCASSPER Nyovest ushayelwe ihlombe ngokucishe agcwalise inkundla iFNB eyojabulisa abalandeli bakhe ngomculo Isithombe: INSTAGRAM
UZA eThekwini ngonyaka ozayo umcimbi kaCassper Nyovest asezakhele ngawo igama kuleli owaziwa ngeFillup.

NgoMgqibelo, enkundleni yezemidlalo iFNB, eSoweto, lo mrepha uphinde waqopha omunye umlando ngokucishe agcwalise le nkundla ngenjongo yokujabulisa abalandeli bakhe ngomculo.

Ngo-2015 uCassper waqala umcimbi wokugcwalisa iThe Dome okwashayelwa ihlombe ngabaningi. Kwathi kusenjalo wenza omunye ofanayo enkundleni yezemidlalo i-Orlando Stadium ngonyaka odlule. Kuleli ube ngumculi wokuqala ukugcwalisa lezi zindawo.

Ngaphambi komcimbi wangoMgqibelo le nsizwa ibhale enkundleni yokuxhumana uTwitter ukuthi ngonyaka ozayo izoba nomcimbi ofanayo enkundleni iMoses Mabhida eThekwini.

“ITheku linomnyakazo, asenze into efanayo eMoses Mabhida ngonyaka ozayo,” kubhala uCassper.

Kusheshe kwacaca ukuthi iTheku liyawufuna lo mcimbi njengoba abantu beveze ukuthi bangawuthokozela.

Ezinkundleni zokuxhumana bekucaca ukuthi umcimbi kaCassper obuseFNB ujatshulelwe abaningi njengoba abantu bebelokhu befaka izithombe nama-video kucula abaculi abehlukene.

Isibindi sikaCassper sishayelwe ihlombe njengoba nosaziwayo nongqongqoshe bembongele ngempumelelo yomcimbi.

UNgqongqoshe wamaSiko nezobuCiko, uMnuz Nathi Mthethwa, nowamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, bamshayele inhlombe uCassper, bathi ukubaculi abangeke balibaleke kalula.

Naye ubonge abantu abafikile kulo mcimbi athe ube yinto angeke ayikhohlwe.

“Umlando uqophekile inkundla igcwele ngiyabonga kakhulu. UNkulunkulu mkhulu ngazo zonke izikhathi,” kubhala uCassper kuTwitter.

UCassper ubefuna ukudayisa amathikithi angu-75 000 kodwa kwathengwa angu-68 000.