UWUQALE ngamandla u-2019 uBusiswa njengoba emenyezelwe njengomethuli omusha wohlelo lwakuMTV Base (DStv channel 322) iGqom Nation.
UBusiswa uzokwethula lolu hlelo ngokubambisana noNtando Duma obevele elubambile kusukela luqala ngo-2017. Isizini entsha izoqala ngoJanuwari 25 ngo-6 ntambama.
UBusiswa uthe ujabule ngokuba yingxenye yalolu hlelo.
“IGqom Nation ngolunye lwezinhlelo zokuqala olusakaza usiko lwe-gqom’ kubabukeli kusukela lukhula futhi lolu hlobo lomculo luyangenisa emhlabeni jikelele,” kusho yena esitatimendeni.
Kwenzeka lokhu nje, ngo-2019 kungenwe ngengoma acula phambili kuyo kaPrince Kaybee ethi Banomoya. Ngempelasonto unqobe indondo yeBest Female MVP kumaSoundcity MVP Awards, eNigeria.
Ohlelweni kulindeleke ukuthi kubonakale oDJ abahlukene okungoTira, Vumar, Maphorisa, Cndo, Distruction Boyz, Le Soul, Happy Gal, Funky Qla neCruel Boyz.
Abanye abazovela ngoMoonchild Sanelly, Dladla Mshunqisi, Tipcee, Madanon, Biggie, Bhizer nabanye.
Isikhulu sakwaViacom International Media Networks Africa iMTV Base engaphansi kwayo, uMonde Twala, sithe lesi siteshi siyikhaya labathandi bomculo nabaculi futhi baqhamuka nezinhlelo ezizothandwa ngabantu abasha njengeGqom Nation.
“Siyajabula ngokuba nomculi wegqom’ onjengoBusiswa ukuthi ezothula uhlelo ngokubambisana noNtando Duma kanjalo noDJ abamangalisayo abagqamisa igqom’ emhlabeni jikelele nabadansi abanemidanso ezogcina ababukeli bethe njo kumathelevishini abo njalo ngoLwesihlanu ebusuku amasonto angu-11,” kusho uTwala.
Ngesikhathi uhlelo luqala, kwenziwa inhlolokhono yabadansi lapho kwakhethwa khona amaqembu angu-10 abonakala kulona.
Amaqembu ngo-ADM, The Champions, Versalites, 031 Movement, Bay Rockers, Team Wassha, All-Stars, D Mob, Ghetto Latinos, neRebels.