UMREPHA wakuleli u-AKA uzoculela abashadayo bengazi emshadweni wabo ohlelweni olusha lwemishado iTwo Weddings & a Superstar.
Lolu hlelo luzoqala ngoSepthemba 9 esiteshini sethelevishini iLifetime Afrika kuDStv (channel 131), ngo-8 ebusuku.
Inkampani ekhiqiza lolu hlelo, i-Okuhle Media, iveze ukuthi abashadayo bazobe bengazi ngokuvakasha kwalo mculi konke kuzoba kusha kubona nezihambeli zomcimbi.
UFatima Kaba wale nkampani uthe lolu uhlelo lwemishado olufana nezinye kodwa babone kungcono bahluke ngokwenzela abashadayo lokhu abangakulindele.
“Sizohambisana nabashadayo behlela umshado sibone bebhekana nezingqinamba ezahlukene zokuwuhlela. Kuyona yonke imishado esiyihambele besibabuza ukuthi imuphi umculi wakuleli abamthanda kakhulu, iningi lasitshela ngo-AKA okwenze izinto zaba lula ngakuthina,” kuchaza uFatima.
U-AKA uthe uyakujabulela kakhulu ukuba sodabeni oluyoxoxwa ngabashadile uma bebheka emuva emlandweni wothando lwabo.
“Sengike ngenza izingoma ezihambisana nemicimbi yemishado, ngakhongikubona kukuhle ukuxoxa ngothando. Kumina lokhu kusho lukhulu ukuhlanganyela nezithandani osukwini lwazo olubalulekile njengoba ngingangabazi ukuthi lokhu esizokwenza ngeke bakukhohlwe ngoba kuyinto enhle akade bengayilindele,” kuchaza lo mculi.