ISISHAYA isindiyandiya inhlangano yabelaphi bendabuko, i-Institute of Traditional Practices KwaZulu-Natal, ebiveze ukuthi umculi wowokholo uSfiso Ncwane oshone ngoDisemba nyakenye uthwetshuliwe.
Nyakenye le nhlangano ibithe kunezinkomba zokuthi lo mculi uthwetshuliwe futhi abelaphi abangaphansi kwayo bangambuyisa.
Ngesikhathi kuthintwa okhulumela le nhlangano, uSolwazi Mbongeni Dlamini, uthe imizamo yokuthola umndeni kaNcwane ayiphumeleli futhi abazitholi nezinombolo zawo.
“Inhloso enkulu ngokuveza esikubonile ngokushona kukaSfiso kwakungukuqwashisa abantu ukuze banake izimpawu ezithile emalungwini emindeni yabo uma eshonile ukuze asheshe abone uma ethwetshuliwe. Ukubuyiswa kwakhe kuba yizindlela eziningi ezahlukene. Odabeni lukaS’fiso sekungaba lukhuni ukuthi abuye, umqondo wakhe ngeke usasebenza kahle ngenxa yokuthi useze wangcwatshwa. Kumele umuntu asukunyelwe engakangcwatshwa ngoba kusuke kungangcwatshiwe yena, kodwa kusuke kuyisilwane,” kusho uSolwazi Dlamini.
Uphinde wathi odabeni lukaSfiso noma bewuthola umndeni wakhe kodwa kunezivumelwano okumele badlule kuzona uma bezosiza lo mculi ukuthi abuye ngoba akusewona umsebenzi olula njengoba eseze wangcwatshwa.
UNkk Ayanda Ncwane ngesikhathi ethintwa ngalolu daba uthe: "Ngicela ukungaphawuli lutho ngalo. Ngicela ukuluvala lolu cingo."