ZIYAPHELA izinsuku zobumpohlo kumlingisi weSibaya uNhlanhla Mdlalose ozoshadelwa yisipawupete sakhe seminyaka.
UNhlanhla ulingisa indawo kaBongani emdlalweni okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kuMzansi Magic.
Kuthiwa umshado wakhe noPercy uzoba ngenyanga ezayo eMnambithi. Isibongo sikaPercy sigcine singatholakalanga kodwa naye udabuka eMnambithi, KwaMaqanda.
Omunye umthombo weSolezwe uthe nezimemo seziphumile.
“Sesimenyiwe impela. Umshado wakhe uzoba ngenyanga ezayo, usuku angisalukhumbuli kahle. Ujabule ngempela ngalokhu.”
Uqhube wathi kulindeleke ukuthi umshado uhanjelwe ngosaziwayo abahlukene ngoba uNhlanhla uwusaziwayo futhi unabangani abaningi.
“Cishe bonke abangani bakhe oSiyabonga Nkosi, Ayanda Ncwane, Jabulani “Cashflow” Ngcobo nabanye abalingisi beSibaya bazobe bephelele khona,” kusho umthombo.
Ethintwa uNhlanhla uthe ngeke akhulume ngomshado wakhe nabezindaba ngoba uvikela umndeni wakhe nenkosikazi yakhe.
Ekhasini lakhe lika-Instagram akalufihli uthando lwakhe lukaPercy anokufaka izithombe zakhe esho ukuthi umthanda kangakanani.
Njengoba eshada umlingiswa wakhe umiswe kabi wuDabula kwiSibaya entombini yakhe uKentucky.