INYANGA yabesifazane ivusa iminjunju kumlimgisi wodumo, uFlorence Masebe njengoba kule nyanga adutshulwa izikhawu eziwu-41.
Lo mlingisi wehlelwa yilo mshophi ngale nyanga ngo-1999 ngesikhathi esadume kwiGenerations futhi engomunye wabalingisi ababengaconsi phansi ngeminyaka yama 90's.
Yize sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 adutshulwa kodwa usakhumbula kahle ubunzima indodakazi yakhe eyabhekana nabo ngalelo langa.
UFlorence uthe yize le ndodakazi (25) yayineminyaka emine kodwa yambona kahle elele edamini legazi.
"Sekuyimnyaka engu-21 kwenzeka, ezinsukwini ezimbalwa ezizayo indodakazi yami izobe ihlanganisa iminyaka engu-25. Yangibona ngilele edamini legazi ngasemgwaqeni ngo-Agasti 18 ngo-1999. Ayikho ingane eneminyaka emine efanelwe ukubona leyanto,"kusho uFlorence.
Sekwenzeka konke kodwa uveze ukuthi kusukela ngalelo langa elelwa impilo yakhe akazange esasibuka lesi sigameko njengento ebuhlungu neyaba wumshophi kuye, kunalokho ubonga ukuthi waphila.
Lokhu kukhombise ngokusobala kubalandeli bakhe ukuthi uFlorence wathatha isinqumo sokuxola nokuqhubeka nempilo emuva kwalesi sigameko.
"Kofika isikhathi lapho ngobe ngingasakhumbuli qobo ngokwenzeka kimi ngalolu suku. Izibazi ziyisikhumbuzo esihle kimi ngokubi okungazange kwenzeke, angishonanga,"kusho uFlorence.
Lo mbhalo uthinte abantu abaningi nababe ngabalandeli beGenerations ngalezo zikhathi. Abanye babantu ababesondelene naye ngaleso sikhathi bakhumbule izikhathi ezazinzima benanemibuzo engaphendulekile ngokwakwehlele lo mlingisi.