AKUKAKAPHELI ngisho amasonto amabili uLaSizwe ephumele obala ngesoka lakhe ezinkundleni zokuxhumana kodwa selidle phansi lamshiya yedwa. ULaSizwe uke wabonakala ebalisa ezinkundleni zokuxhumana mayelana ngaleli soka lakhe eveza ukuthi seziphelile izinsuku ezimnandi kufanele liye eCape Town. Abantu bebelokhu bemduduza ngokuthi okungenani akajabulele ukuthola uthando nendoda emthandayo basazophinda bahlele babonane.
ULaSizwe uzamile ukuziqinisa waliphelezela leli soka seliyogibela ibhanoyi elibheke eCape Town. Ekhuluma kwingxoxo ebebenayo ku-Instagram noMolemo Lemii Loco Lehoko uthe cishe washayeka phansi ezithela phezu kwesoka lakhe endaweni yobumnandi iGreat Dane ekubeni ebelishiye esikhumulweni sezindiza. "Ngivele ngathuka ngoba nabantu bebengibona ngidumele ngimkhalela. Bese ngimaze unyaka sinezinyanga eziyisithupha sithandana emuva kwalokho ngizohlangana naye eGreat Dane kade ngimshiye esikhumulweni sezindiza nethikithi engimthengele lona," kubalisa ULaSizwe.
Lasizwe is gowishing! I was confused with his IG stories. Now I understand pic.twitter.com/BdLGT7vmel
— Gratitude 🙏![CDATA[]]>🏾 (@Tebzamek_) February 22, 2021
Selokhu kwenzeke lokhu uLaSizwe usaqhubeka nokuphawula ngendaba yokugileka kwakhe. Usenze iziqephu zama video elokhu ebabaze njalo. Yize abantu abaningi bebemgxeka ngesikhathi esavela ejabule nesoka lakhe kodwa muva nje bakhombisa okukhulu ukuzwelana naye kulandela ukuhlukumeza akuzwile.
Abantu abaningi bebezitshela ukuthi leli soka lizomphatha kahle uLaSizwe ngenxa yezithombe ebezinameke ezinkundleni zokuxhumana ngesonto eledlule. ULaSizwe uthi yize kubuhlungu kuqaqamba kodwa unethemba lokuthi kuzodlula aqhubeke nempilo yakhe ebevele eyiphila engakathandani naleli soka.