Willem Phungula
SIKHALE ngokushoda kwemali ngenxa yeCovid-19 isilomo sikamaskanda uNtencane, ngesikhathi sihoxa emcimbini ebesiyingxenye yokuhlelwa kwawo.
Lokhu kudalulwe yilo mculi ogama langempela, nguSenzo Zondi. Ubezoshiyelana inkundla nezinye izinkunzi zikamaskanda, oKhuzani neGcokama Elisha kwiNgoma kaZulu Music Festival ezoba seMerthely Lake eGreytown, ngo-Okthoba 31. Inkampani yakhe, Intencane Investment beyihlela lo mcimbi ngokubambisana ne-Icon World kaThuthukani Mkhize, kodwa uNtencane akaseyona ingxenye.
Ubhale ezinkundleni zokuxhumana wathi ngeke abeyingxenye yalo mcimbi.
“Bafowethu njengoba benazi ukuthi kunomcimbi okwakumele ube seGreytown mhlaka 29 kuMeyi, inkampani yami eyayingxenye yawo kodwa wahlehla ngenxa yeCovid-19. Sekuke kwavela ukuthi uyaqhubeka. Cha, ngithi angiveze ukuthi angisenalo ulwazi ngokuqhubekayo ngenxa yokuthi inkampani yami ayiseyona ingxenye emva kwale simo esishiye izinkampani eziningi zingamile kahle kwezomnonto,” kuchaza uNtencane wodumo lwengoma ethi Wawuthembeni.
Uthe kodwa umcimbi wakhe lapho ezocula yedwa owaziwa nge-One Man Show uzoqhubeka ngenyanga ezayo njengoba uhleliwe. Ukuqinisekisile kwiSolezwe ngeSonto ukuthi ngempela usehoxile njengoba ebhalile.
Uthe kodwa esinye isizathu esenze wahoxa yingoba ufuna ukuvikela isithunzi senkampani nesakhe ngoba kuye kwenzeke kube nobuhixihixi emcimbini. Waqhuba wathi uyazi ukuthi abantu bebezovele bathi ububheda umcimbi kaNtencane, bengabe besabheka ukuthi ubewenza nabanye.
Umphathi we-Icon World, uThuthukani uthe bakwemukelile ukuhoxa kukaNtencane.
Uthe vele izinkampani eziningi ezazithembise ukuxhasa umcimbi zihoxile zabalula yona indaba yeCovid-19.
Usamukela nesizathu sakhe sokuthi uma kubakhona okungahambi kahle kungalimala igama lakhe.
“Siyakwamukela akushoyo, vele njengomuntu odumile besiphusha ngaye kodwa ngifisa ukuqinisekisa abantu ukuthi umcimbi uyaqhubeka abantu abathenge amathikithi kwaShoprite, naseComputicket,” kuchaza uThuthukani.
Umcimbi uzobe ugabe ngabaculi abadumile okubalwa Phuzekhemisi, DJ Happygal, AfroSoul nosaziwayo okubalwa uSbu woZalo nabasakazi boKhozi FM oZimdolar Biyela noDJ Mngadi nabanye.