UKUNGCOFANA ngengoma kwabaculi bakamaskandi akade bengamathe nolimu, uSbusiso “Bahubhe” Mkhize noSiyanda “Lagxabha” Hadebe, sekuqhathe nabalandeli babo.
Ngokusho komthombo osondelene nalaba baculi, uthuthuva lususwe ukusakazwa ngempama kukaBahubhe nguLagxabha eduze kwaseWorkshop Mall, eThekwini ngesonto eledlule. UBahubhe noLagxabha bekungamathe nolimu njengoba baze bacula ngokuhlanganyela engomeni kaLagxabha i-Perfomance.
"Indaba yaqala ngokuthi uBahubhe acasulwe yingoma kaLagxabha ethi Insizwa YeSayoni, ekwiCD ethi Isikhonkwane Sothando. UBahubhe uzitshele ukuthi uLagxabha ugadla kuye. Kuthe ngesonto eledlule kwatheleka ezinye izigora eWorkshop, zafike zagxavuna uLagxabha maqede zamshaya. ULagxabha uzitshele ukuthi zithunywe nguBahubhe ukuba zimshaye."
Uqhuba umthombo uthe ngokuhamba kwesikhathi kube sekufika uBahubhe.
"Uthe uzama ukusondela kuLagxabha ukuze amchazele kahle ukuthi akusiye othume izigora ezimshayile kodwa uLagxabha wavele wathukuthela maqede wadedela ulabhabha wempama kuBahubhe."
Osekomitini labaculi abanandisa eWorkshop, uBlesser, uvumile ukuthi baxabanile laba baculi futhi bahlela izingxoxo ukuze ingavalwa le ndawo. Uthe ngenxa yokubhuntsha kwezingxoxo ngeSonto bagcine bephoqelekile ukuba babamise uBahubhe noLagxabha ekuculeni eWorkshop kodwa babuye babadedela ngoba sebedonswe ngendlebe.
Eziphendulela kwiSolezwe NgoMgqibelo, uBahubhe uvumile ukuthi uLagxabha umzumile ngempama ngoba ezitshela ukuthi nguye othume isigora esishaye uLagxabha.
"Ayikhoke into engingayibanga noLagxabha. Ngokubuka kwami (uLagxabha) ungomunye walaba baculi abafuna udumo ngabanye. Kanti yena uma efuna ukuduma, akacule (ukuze) anakwe. Uma enganakwangwa, okwakhe lokho. Mina bakhona owethu engingabanaka, hhayi noma yini," kuphetha uBahubhe.
ULagxabha uvumile ukuthi umsakazile uBahubhe ngempama emuva kokuba emthumelele ngesigora namagidangoma akhe.
“Siwafakile impela amanqindi kimi ngawavika wonke. Sangiklinya. Ngavuka ngathi ngiyosishaya basiphonsela ummese. Kwafika uBahubhe wayeka abantu bakhe abangishayayo, wazobuza mina. Ngathi mina akabuze kubantu bakhe abathumile ngoba mina angisekho esimeni sokuthi ngingachaza. Ngenxa yokuthi bengidiniwe futhi ngikholwa ukuthi nguye obathumile ngibe sengimsakaza ngempama,”kusho uLagxabha othe baqhathwa ukuthi wenqaba ngesikhathi uBahubhe efuna uLagxabha acheme naye futhi bazonde Ithwasa Lekhansela (okunguSbonelelo Majola).
NeThwasa noBahubhe babengave bezwana futhi baze bacula ndawonye njengoba manje sebeyinkukhu nempaka ngenxa yombango wentombi.
Kuzokhunjulwa ukuthi eminyakeni eyedlule kwadlula emhlabeni abalandeli abangaphezu kwabayisithuba ngenxa yokungcofana kukaMgqumeni, uMtshengiseni, Thokozani Langa neGeza LakwaMgube. Kuphinde kwabulawa ngokudutshulwa komlandeli kaMjik’jelwa emcimbini owawuseCurries Fountain Stadium,eThekwini ngo2017 ngenxa yokungcofana ngengoma kukaKhuzani neGcokama Elisha kanti ngo2016 kwagwazwa kwabulawa amalungu amathathu eqembu likamaskandi, Abafana BakaMolo Bangempela emcimbini owawuseGoli.