“Ngisemncane, ngisadinga ukwenza imali. Imali iyikho konke. Uyayidinga ukuze ugqoke, uyayidinga ukuze udle. Uzoyikhokhela ngani irenti,” uphendule kanje kade ebuzwa ukuthi useyakucabanga yini ukuba nomndeni.
USneziey uthe konke ukuyekele ezandleni zikaNkulunkulu, yena akanawo amandla okulawula izifiso zakhe. “Kuyenzeka ufise into kanti uNkulunkulu ukuhlelele okunye.”
Lo mculi usematheni kulezi zinsuku emuva kokukhipha umucu wokholo osihloko sithi Ungubaba. Uthe inhloso yakhe ngeculo ukuzama ukukhumbuza abantu ngalesi sikhathi sobhubhane, ukuthi kufanele babhekise konke kuNkulunkulu ngoba uyena isiqalo nesiphetho. “Angikaze ngimngabaze uNkulunkulu futhi angikaze ngiqhele kuye. UnguBaba kukuhle kukubi.” Uthe lo mucu ulandela ezithendeni zalowo awukhipha nyakenye ngesikhathi esemncintiswaneni wama-Idols, owawuthi Kungumusa. “Mina emculweni wami ngihlale ngikhuluma ngomusa.” Ebuzwa ukuthi angaqopha yini ngokuhlanganyela nezintokazi ayenazo kuma-Idols SA, uViggy noVirgirnia Qwabe. Uthe akukho okungavimba ngoba akananxa nabo futhi uke wacula ngokuhlanganyela nabo engomeni eqwashisa ngeCorona ethi Heal Our Land-Siyaphumelela.
Laba baculi babehlanganiswe kule ngoma nguphrojusa uSipho Malembe futhi beshiyelana inkundla noHlengiwe Mhlaba, Mbuso Khoza, Malusi Mbokazi, Babo Ngcobo, Mondli Ngcobo nabanye.
Kuzokhunjulwa ukuthi kwasolwa uSneziey ngokushiya kukaViggy kuma-Idols SA emuva kokuba sekukhishwe udadewabo, uVirginia ngamavoti kulo mqhudelwano.
Uthe yena akazani nokwakushiwo ngaye ngoba amawele akakuqinisekisanga kanjalo nama-Idols baziqhelanisa nalesi sigameko.