AKASABUFUNI nalapho buhambe khona utshwala obengumsakazi weVuma FM ngenxa yokuthi bucekele phansi impilo yakhe.
UVictor Rose Junior owaduma kakhulu engumsakazi weGagasi FM waphinde wasebenza kwiVuma FM, uthe usehlukene nejiki.
“Ngilahlekelwe okuningi ngenxa yotshwala. Angisabucabangi.”
Phakathi kokumlahlekele, ubale umsebenzi kwiVuma FM, imali, nesithunzi sakhe ngenxa yokucwila ophuzweni.
“Kunezikhathi la bekuthi uma ngiyosebenza ngiyoba uDJ emicimbini bengingakukhumbuli okuningi okwenzekile. Bengigcina ukukhumbula ngesikhathi ngifika okunye okwenzeke ngemuva kwalokho ngikuxoxelwe abantu.”
Uthe ngelinye ilanga wake waphaphama elele endlini yomqaphi wendawo yokuphumula.
“Ngaxakeka ukuthi ngifike kanjani. Ngabona lapho ukuthi nginenkinga yophuzo. Ngabona nokuthi ngelinye ilanga ngiyosolwa ngokwenza okubi ngehluleke wukuveza ubumsulwa bami ngoba ngiyobe ngingakhumbuli ukuthi ngifike kanjani kuleyo ndawo nemininingwane ebalulekile ngingakwazi ukuyichaza ngoba ngiyobe ngidakiwe.”
Uthe ugologo uyiqedile imali yakhe.
Uveze ukuthi ibhodlela ubeligingqa ngesikhashana. Kokunye ubebuye ashosholoze ubhiya kungabi ndabazalutho.
UVictor usole utshwala nokwehluleka wukwenza izinqumo eziphusile uma egajwe yibona ngokulahlekelwa wumsebenzi kwiVuma.
“Ukuba ngangingashayile kancane ngangingeke ngivumele abantu engangihamba nabo bangene notshwala e-studio. Namhlanje angisebenzi kodwa ngiyalibona iphutha lami,” kusho uVictor.
Njengoba eseyeke utshwala, uthe kunzima kodwa ukholwa wukuthi usizo aluthola emndenini nakubangani bakhe luzomsiza .
“Akulula ngoba yinto ebengiphila ngayo kodwa ngizimisele ukuyinqoba le mpi. Ngiyeke ukusebenzisa utshwala njengehawu lokuvika ukubhekana nezinkinga zempilo,” usho kanje.