LUZODLULISELWA kubameli udaba lokungafiki kwesilomo somrepha uKwesta ekhonsathini ebiseNewcastle Showgrounds ngoMgqibelo, iNewcastle Summer Festival.
Lokhu kuvezwe ngumhleli womcimbi uThembinkosi Mzoli othe ukungafiki kwalo mculi kubenze babukeka njengabantu abangathembekile.
“Saxhumana nemenenja yakhe yasitshela ukuthi uzobe eqopha i-video nomculi waphesheya uWale, wathi ngeke akwazi ukufika. Bathi bangasinikeza omunye umculi sathi thina ukube besifuna omunye besizoqasha yena,” kusho uMzoli.
Uthe igama lomcimbi wabo lingcolisekile ngenxa yokungafiki kwalo mrepha.
“Kube sengathi asikufezanga ebesikuthembise abantu. Kungathi asimkhokhelanga ekubeni sayikhokhela inkampani yakhe iRapLyf. Abantu bayawuncoma umcimbi ukuthi uhambe kahle kodwa bakhala ngokungafiki kukaKwesta,” kuchaza uMzoli.
Uthe isiyonke imali abayikhokhela lo mrepha nguR94 000.
“Asikaxhumani nemenenja yakhe ngoba udaba siludlulisa kummeli ngoba sifuna izindleko zokukhangisa ngaye emcimbini nokungcoliseka kwegama lomcimbi. Ummeli nguye ozobala kahle izindleko zethu,” kusho uMzoli.
UKwesta uthe uyaxolisa kakhulu ngokwenzekile.
“Inkinga kube wukuthi ngiqashwe ezindaweni ezimbili ngesikhathi esisodwa. Mina nethimba lami sithanda ukuxolisa ngalokhu,” kusho uKwesta.
Uthe ihhovisi lakhe yilo elizokhuluma nabahleli bomcimbi.
NgoLwesihlanu ubecula ohlelweni lomculo iLive Amp noWale abenze naye ingoma ethi Spirit. NgoMgqibelo bebenandisa emcimbini i-Open Your City eGoli kanti ngeSonto ubeseZone 6 eSoweto okuyindawo kaBlackcoffee.
UKwesta ubonge uthando aluthole kubantu.
“Ngibe nonyaka omangalisayo. Uthando kubantu ngiyalubonga. Kube wunyaka engibusiswe kakhulu kuwona, kufezeke amaphupho amaningi,” kuphetha uKwesta.